Ezikaqedisizungu | 11

Friday, 18 April  2025

Hhola Mntwana!

Ngizokunika okusenhliziyweni ngoba kungunaphakade...

Ngicela ungithumelela noma u-hathi ❤️ MaThaboody ezinkundleni zokuxhumana...

Image

Nkosazane enhle emhlophe njengezihlabathi zolwandle! Sengithi angizidele amathambo ngizibike MaThaboody. Sengingamane ngibulawe izitolimende ze-loan yebhanoyi engizokuthengela lona uma unganginika nje ucu. Wena Thando Thabethe ngiyazi ukuthi uyintokazi ematasa njengoba ungumsakazi, umlingisi unanenkampani nebhizinisi elidayisa ama-lingerie. Sphalaphala, ngicela ungiphendule ezinkundleni zokuxhumana ngokungithumelela u-hathi ❤️. Uyobe uwenzile unyaka wami.

Image
0