Imibono | 14

Friday, 04 April  2025

Imibono

Image

NGUMFUNDISI Timothy Omotoso nabesolwa nabo, uNkz Lusanda Sulani noNkz Zukiswa Sitho.

Utholwe engenamacala eNkantolo eNkulu yaseGqeberha uMfundisi uTimothy Omotoso waseNigeria obebhekene noxhaxha lwamacala okubalwa kuwona awokudlwengula, ukunukubeza ngokocansi, inkohlakalo nokushushumbisa abantu.

Baphawule kanje abafundi beLANGA

01


Nandi Mhlongo:

HMMMMMM ukubaluleka kokuba nemali eSouth Africa manje useyindoda.

02


Mzwandile Lungani Lembede: 

EWU okwakulelizwe!

03


Masondela Ngidi:

WOZA eMzansi, ubengeke aboshwe umuntu wokufika kuleli khohlwa. Umuntu wangaphandle unamalungelo okudlwengula, ashushumbise, abulale uma ethanda, kodwa owaseMzansi udutshulelwa ukuthi uyasolakala afe impela, abulawe ngabomthetho.

Mzansi shintshani izwe ngevoti manithola ithuba, koze kube nini kunje vele..

04


Nomalanga Sithole:

YIZINTO ezinjena-ke ezigcina ziphoqa ukuba abantu babambe umthetho ngezandla zabo ngoba umthetho wethu kawuzisebenzeli izakhamizi zaseNingizimu Afrika ngenxa yokuthi kusetshenziswa imali, ibuhlungu le nto.

05


Hlengiwe Mdletshe

EMINYAKENI ewu-14 kodwa akatholwanga enecala. Eish, amajaji ezinsuku zokugcina

06


Thulani Dlomo:

KUNZIMA ukuphila ezweni lethu, idedelwa kanjani indoda ekhohlakele, edlwengulayo, kuthiwani ngobuhlungu bezisulu. Kunzima emhlabeni, uma unemali unayo yonke into. Abaholi baseNingizimu Afrika baqalekisiwe.

07


Lusa Ngcuka KaMagaye:

BENGIKULINDELE lokhu, icala lithathe isikhathi eside kakhulu. Ngiyethemba uCheryl Zondi usesimweni esikahle.

08


Mthiya Omkhulu:

MMMMMMMM ngaze ngabadabukela osisi bethu ababemasha, bemosha umdlandla wabo.

09


Sthembiso Mdladla:

EZOMTHETHO zethu ziyihlazo nje kwaphela. Izingane zabantu zazisho zona ukuthi zazishushumbiswa kanjani ukuya emzini wakhe. Zenziswa yonke into lena. Ngisho ukumgcobisa uVaseline engagqokile. Konke lokho kuthiwa akaqhubeke akwenze.

10


Sipho Mlotshwa:

KUNABENZA ihlaya ngalesi sinqumo. Ngifisa ukwazi ukuthi uma kwakukhona izingane zasemakubo ezazinukubezwa yilo mfundisi ngabe benza ihlaya yini.

11


Lethukuthula Phewa:

AMA-NIGERIAN ayawazi umuthi stilongi.

12


Masixteen2tigers:

AWU siyazi njalo eSouth Africa, babathanda kabi abokufika kuleli.

13


Royal M Dladla Msah:

UMTHETHO walana awukho, 63 wamacala utholakale engenacala ngisho elilodwa? Hhayi cha uma unemali usuke ubusisekile.