Izindaba| 12
Friday, 04 April 2025
Ezempilo
Kuyaphileka nesifo i-Autism
Phumlani Gama
MINYAKA yonke umhla ka-02 kuMbasa (April), kusuke kubungazwa isifo esibizwa ngokuthi
yi-Autism. Kalikho igama lesiZulu esiqanjwe ngalo lesi sifo. Esikhathini esiningi abantu bayaye bacabange izingane uma kukhulunywa ngalesi sifo, kanti akufanele kube njalo ngoba sihlasela lonke uhlobo lomuntu.
Sihlasela ngisho nezaguga. Phambilini bekwaziwa ukuthi lesi sifo sihlasela abesilisa kuphela, nabo okungabebala elimhlophe. Oshicilelweni lwanamuhla sibheka izihlokwana ezimbalwa maqondana nalesi sifo.
Ngakolunye uhlangothi, sikhuluma noNkz Khululiwe Makhaye (37) (osesithombeni esingezansi) ophila nalesi sifo.
YINI I-AUTISIM NEZIMPAWU ZAYO:
Odokotela basichaza ngokuthi yisifo esiziveza ngezindlela ezahlukene emizimbeni yabantu. Siyisifo esiphazamisa ukusebenza kobuchopho ekhanda lomuntu. Ingane ehlaselwe yilesi sifo, ungaqala ukuyiqaphela kusukela ezinyangeni eziyisithupha kuya eminyakeni emithathu.
Kusukela ezinyangeni eziyisithupha, ingane kufanele ibe isiqala ukuzwa uma kubizwa igama layo, kodwa uma kungenjalo kufanele umzali okanye oyigadayo, aqale ukuqaphela ukuthi kukhona okungahambi kahle. Uma isineminyaka emibili kuya kwemithathu kufanele uma uyinika okuthile, ithathe ngesandla osuke ungakusona.
Uma inenkinga yalesi sifo ungayibona ngokuthi uma ithatha okuthile iqale ijikise umzimba wonke. Olunye uphawu enganeni, wukuhlala inqekuzisa ikhanda kwesinye isikhathi ijwayele ukuzishayisa odongeni. Kubantu abadala lesi sifo siyaye siziveze ngokuthi umqondo lowo ufune ukwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa. Kwabanye bayaye babe nenkinga yokuba nomqondo othatha kancane izinto.
AKUSONA ISONO UKUZALA INGANE
ENALESI SIFO:
Kuthiwa akusona isono okanye isijeziso ukuzala ingane enalesi sifo. Kuvela ukuthi eminyakeni eyedlule abadala bebenenkolelo yokuthi uma kuzalwe ingane enalesi sifo, kusuke kuwuphawu lokuthi usokhaya kufanele athathe izinduku, ayozwa kwabanamanga ngoba kunentukuthelo yabangasekho okanye ingane isuke ingenwe yidlozi elithile.
UNkz Makhaye ophila nalesi sifo, uthi usemkhulu umsebenzi okusafanele wenziwe, kufundiswe izakhamizi ngalesi sifo. Uthi kusukela ekukhuleni kwakhe, wayezibona ukuthi unenkinga, kodwa engazi ukuthi hlobo luni lwenkinga anayo.
"Mina bengiyaye ngizwe ngabantu bethi nginokushintsha esithubeni. Bengizibona ukuthi kunezikhathi lapho khona ngiyaye ngingaku-thandi ukuhlala nabanye abantu.
"Namanje kuyenzeka uma umuntu ekhuluma nami, kungithathe isikhathi ukuzwa ukuthi ukhuluma ngani. Lokho kuyaye kube nomphu-mela wokuthi ngizithole sengiphendula ngenye indlela okunokwenzeka ukuthi ingangeni kahle komunye umuntu," kuchaza uNkz Makhaye.
KUNEZIKHATHI lapho umuntu ophila nesifo i-Autism, engakuthandi ukuhlala nabanye abantu.
KALIKHO IKHAMBI ELIQONDILE LOKUSELAPHA:
Odokotela bathi kalikho ikhambi lokuselapha lesi sifo, ngaphandle kokusithithibalisa ngemishanguzo eqondene nalokho kuphela. UNkz Makhaye uthi yena uhlale ngokubonana nosonhlalakahle nabeluleki bengqondo.
"Mina ngigula ngokuthi umqondo wami usebenza ngesivinini esiphezulu kakhulu uma uqhathaniswa nowabanye abantu. Nokudla engikudlayo kuyaye kube ngokwami ngedwa. Ukwenza kwami izinto kuyefana nezingane ezincane ngoba into uma ngiyithandile, ngiyagxila kuyona.
"Nasemsebenzini engisebenza kuwona, kuyaziwa ukuthi uma sizosebenzela ngaphandle kufanele ngitshelwe kusenesikhathi okungenani izinsuku ezimbili ukuze ngizokufaka emqondweni lokho. Nengane encane kuyayilimaza ukungaziswa kusenesikhathi ngezinguquko ezizokwenziwa," esho.
Ziningi izindlela ezisetshenziswa ngodokotela uma kuzokwelashwa umuntu onalesi sifo. Izingane zinikwa imithi namaphilisi aqondene nokwelashwa kwazo. Nokho-ke lena yinkinga okufanele umndeni okanye umuntu osehlabekile, azifundise ukwamukela ukuthi usengaphila nayo impilo yakhe yonke.