Izindaba | 04
Friday, 04 April 2025
Kuphela amaphupho kwiMother of All
Mthobisi Sithole
UFUNA babe ngabanikazi bamatekisi abaculi bakamaskandi, babe ngosomabhizinisi ngokosizo lomcimbi weMother of All. Umsunguli walo mqhudelwano, uZimiphi "Zimdollar" Biyela woKhozi FM, (osesithombeni esingenhla). Lo msakazi uthi isifiso sakhe ngalo mcimbi wukuthi noma ngabe abaculi akusabahambeli kahle kwezomculo, kodwa abekhona amatekisi abazowazuza ngezithukuthuku zabo, babe nalo ibhizinisi elizobangenisela imali eceleni.
Uthi emculweni izimo ziyaguquguquka, yingakho iMother of All ihlose ukushiya umehluko obonakalayo empilweni yabaculi. Usho lokho nje, zizobe zibulalana kusasa ngoMgqibelo ePeople's Park, eMoses Mabhida, eThekwini, kwiMother of All. Kubekwe isicoco iToyota Quantum ezowinwa ngumculi kamaskandi ozobe evotelwe kakhulu. Nyakenye iQuantum ithathwe nguGatsheni (osesithombeni esingezansi).
"Sifuna ukwenza umehluko obonakalayo empilweni yabantu. Okusho ukuthi eminya-keni eyisihlanu kusukela nyakenye, bazobe beyisihlanu abaculi abazuze amaQuantum ngalo mcimbi. Osewinile udedela abanye ngonyaka olandelayo ukuze kungahlale kuhlomula abantu ababodwa.
"Umculi uma esewinile, uzokwazi ukungena emkhakheni wezokuthutha, kungaba ezinkampanini noma embonini yamatekisi. Leyo tekisi siyithenga kheshi iwumacekeceke, ingamkhiqizela ezinye izimoto," kusho uZimdollar.
Uthi ezokuphepha zizobe ziqinile kulo mcimbi, azifuneki izikhali nezibhamu. Uthi nezibhamu ezinkulu eziphathwa ngabaqaphi bezikhulu, azivumelekile.
"Izibhamu lezi ezinkulu okugadwa ngazo izikhulu, asizivumeli. Ematendeni ezicuku-thwane wonke umuntu uyisicukuthwane, kufanele akhululeke, angaphazanyiswa yizinhlokohlelo zezibhamu," esho.
Uthi ukunandisa kwabaculi, kuzoqala abamenyiwe abangekho ohlwini lwabaculi abasemncintiswaneni. Laba abebencintisana, bazodlala ngokulandelana ngokwamavoti abazobe bewatholile. Amathikithi alo mcimbi, abiza u-R15O eComputickets, eTicketsPro, eShoprite, ePick n Pay.
Abaculi bazobe beshiyelana inkundla kubalwa kubona uMfiliseni Magubane, uLimit, uKhuzani, iNdoni, uGatsheni, uMenzi, uZinjaziyamluma, uSolwazi, uGandaganda, Amawele kaMaMtshawe, iNkosi Yamagcokama, uDumakahle, uMkhulekelwa, uThandeka Hadebe, uQalindaba, Izingwe Zamakhize, Amageza Amahle, uThandazani, uSkweletu, uThokozani Langa, uShwi, uFalabo, Ezechalaha, uBahubhe, uBuselaphi, u-Ali Mgube, Imfezemnyama, Abafana bakaMgqumeni, uDSD, uQhosha, Amavikelambuso, uGadla, uSminofu, uMaganga, uLagxabha, Amankonyane, uCevuzile nabanye. Umcimbi uzoqala ngehora lesi-15h00 ntambama uphele ngo-04h00 ekuseni ngeSonto.
mthobisis@ilanganews.co.za