Izindaba | 03
Friday, 04 April 2025
NGULUYANDA Zuma ozolingisa indawo kaLiyana kwiShaka Ilembe.
Lo mdlalo uzoveza ezothando zikaShaka..
Usolwazi uthi unina kaShaka uNandi, wayefuna indlalifa...
Lucky Cain
INGASE isuse ezinye izinkulumo indawo kaLiyana emdlalweni uShaka Ilembe, okulindeleke ukuba ukhuze ibuya kumabonakude ngomhla ka-15 kuJuni kophezulu.
Lo mdlalo kulindeleke ukuba uphawulise ababukeli bawo ngezindlela ezahlukene njengoba kunendawo kaLiyana ezodlalwa nguLuyanda Zuma, okuvela ukuthi angase abe sothandweni noShaka, okuyindawo edlalwa uLemogang Tsipa.
NGULUYANDA Zuma ozolingisa indawo kaLiyana kwiShaka Ilembe.
ULuyanda uthe uzizwa ethobekile ukuthola ithuba lokudlala kulo mdlalo osuselwa emlandweni waKwaZulu. Uthe uyayiqonda ingcindezi yokulingisa le ndawo njengoba kuyindawo okungakhulunywa ngayo kakhulu emlandweni njengoba lingaziwa lolu hlangothi ngoShaka.
Uthe okuhle ngale ndawo wukuthi izoveza olunye uhlangothi olungajwayelekile, futhi oluzokwenza abantu bakuqonde ukuthi uShaka wayengumuntu onemizwa kaLiyana. ULuyanda uthe nakuba lo mdlalo umayelana noShaka kodwa awusiyona isiqophamlando okumele ibeke okuyiqiniso nokuyikho ngempilo yakhe.
Uthe uyakujabulela ukusebenza kulo mdlalo futhi kusho lukhulu kuyena ukuba yingxenye yawo njengoba isizini yawo yokuqala ibe nesasasa. Uthe indawo kaLiyana abantu kumele bayibuke njengolunye uhlangothi ngaphandle kokubheka abakwaziyo ngomlando, kodwa bayibuke ngokuthi lona wumdlalo okumele ujabulise abantu.
NGULEMOGANG Tsipa olingisa indawo kaShaka, kwiShaka Ilembe.
UDesiree Markgraaf wenkampani iBomb Productions ekhiqiza lo mdlalo, uthe ngesikhathi beqala uhambo lokuqopha uShaka Ilembe, inhloso enkulu kwakuwukwenza umdlalo kamabonakude ozothokozelwa ngabantu baseNingizimu Afrika, futhi baziqhenye ngawo njengoba ususelwa emlandweni wabo.
Uthe bayakuqonda ukuthi umlando unezigaba eziningi ezahlukene, khona oyiqiniso uphinde ubenezigaba ezizokwenza abantu babe nemibono. Uqhube ngokuthi nakuba lona kuwumdlalo kamabonakude kodwa balwenzile ucwaningo ukuze bangagudluki kakhulu emlandweni.
Uthe njenganoma yimuphi umlando, kuyohlale kunemibono eyahlukene ngendlela obekwa ngayo futhi ngeke bakubalekele lokho.
"Noma ngabe yiliphi ilungu lomndeni wasendlunkulu, usomlando okanye ilungu
lomphakathi, banalo ilungelo lokubeka imibono, bancome noma bagxeke. Esikufisayo wukuthi sibenze bazigqaje ngomdlalo oqhakambisa izinkulumo ezibalulekile futhi ezibenza babe nentshisekelo yokwazi kabanzi ngomlando," kusho uDesiree.
USolwazi Sihawukele Ngubane onguSomlando, uthe nakuba umlando ungacacisi kabanzi ngobudlelwano bukaShaka nabesifazane, kodwa kuyavela ukuthi wayeba nazo izintombi kodwa akuyona into ayegxile kuyona.
UNgubane uthe unina kaShaka uNandi, wayefuna abe sebudlelwaneni ukuze athole indlalifa kodwa yena engekho kulowo mqondo ngenxa yokuthi wayenezinhlelo zokubumba isizwe. Uqhube ngokuthi nakuba ayeba nazo izintombi kodwa akuveli ukuthi wabathola abantwana noma wagcagcelwa.