Ezemidlalo | 16
Friday, 07 March 2025
OweLiverpool uvuma eyokuthwala uthayela kunomoya kwiPSG
Kusize ukuphaphama kukanozinti weReds oyitakule izikhawu kukubi
NGUMQEQESHI weLiverpool, u-Arne Slot ekhomoza abadlali bakhe, kanti eceleni kwakhe yisitobha sePSG, u-Achraf Hakimi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UVUMA eyokuthwala uthayela kunomoya u-Arne Slot ongumqeqeshi weLiverpool yase-England ehlule iPSG yaseFrance ngo-1-0 wegoli likaHarvey Elliott kowe-Uefa Champions League ngoLwesi-thathu ebusuku eParis, eFrance, okwenze yathola igoli elimqoka ekuhambeni.
Lokhu kwenzeke phezu kokuba iLiverpool inga-dlalanga kahle kwazise osokhaya yibona abathole amathuba amaningi, kodwa bangawasebenzisa. Nakhona kusize u-Alisson ongunozinti weReds - odabuka eBrazil - owenze umsebenzi oncomeka-yo emapalini.
Ekhuluma emuva komdlalo uSlot, uzwakalise injabulo ngomphumela abawutholile kodwa wakubalula ukuthi baphunyuke ngembobo yenaliti.
"Sibe nenhlanhla nje ukuthi ziye ekhefini benga-litholanga igoli ngoba basihlasele umdlalo uqala kwaze kwaba uyaphela. Bayingozi kakhulu futhi kuzomele sibaqaphe ngeso lokhozi emdlalweni wethu olandelayo," esho.
La makilabhu azophinda adibane ngoLwesibili kanti ngaphambi kwalokho, iReds izozama uku-qhubeka nokuvula igebe kwi-EPL njengoba izo-bhekana neSouthampton ngoMgqibelo ngo-17h00.
IPSG nayo izozama ukuqhubeka nokuvula igebe esicongweni seFrench League 1 uma isibhekene neRennes ngoMgqibelo ngo-18h00
NGU-PEDRI weFC Barcelona obezenzela esiswini ezakhe zihlula iBenfica ngo-1-0 kowe-Uefa Champions League.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
* Komunye umdlalo obubhekwe ngamehlo abo-mvu, iBarcelona yaseSpain ihlule iBenfica yase-Portugal ngo-1-0 wegoli likaRafinha, phezu kokuba idlale isikhathi eside ishoda. Isitobha seBarca, uPau Cubarsi sithole ikhadi elibomvu ngokudlalisa kabi uVangelis Pavlidis esebhekene nonozinti, uTomasz Szczęsny. Kulo mdlalo uPedri odlala esiswini, ubezenzela kubadlali beBenfica.
Komunye umdlalo, iBayern Munich yaseGermany, ibuyisele kwamhlaba omkhaya bayo, iLeverkusen iyinenebula ngo-3-0. Amagoli eBayern ashaywe nguHarry Kane amabili nelikaJamal Musiala.
Isiyonke imidlalo yeSpanish La Liga engempelasonto ihlelwe kanje:
NGOMGQIBELO
Valencia vs Valladolid 19h30.
Barcelona vs Osasuna 22h00.
NGESONTO
Getafe vs Atletico Madrid 15h00.
Real Madrid vs Rayo Vallecano 17h15.
Athletic Club vs Mallorca 19h30.
Real Betis vs Las Palmas 19h30.
Real Sociedad vs Sevilla 22h00.
NGOMSOMBULUKO
Espanyol vs Girona 22h00.
* Eye-English Premier League:
NGOMGQIBELO
Forest vs Man City 14h30.
Liverpool vs Southampton 17h00.
Palace vs Ipswich Town 17h00.
Brighton vs Fulham 17h00.
Brentford vs Aston Villa 19h30.
Wolves vs Everton 22h00.
NGESONTO
Tottenham vs Bournemouth 16h00.
Chelsea vs Leicester City 16h00.
Man United vs Arsenal 18h30.
NGOMSOMBULUKO
West Ham vs Newcastle 22h00.
* Eye-Serie A yase-Italy:
NGOLWESIHLANU
Cagliari vs Genoa 21h45.
NGOMGQIBELO
Como vs Venezia 16h00.
Parma vs Torino 16h00.
Lecce vs AC Milan 16h00.
Inter Milan vs Monza 21h45.
NGESONTO
Verona vs Bologna 13h30.
Napoli vs Fiorentina 16h00.
Empoli vs Roma 19h00.
Juventus vs Atalanta 21h45.
NGOMSOMBULUKO
Lazio vs Udinese 21h45.