Izindaba | 03

Friday, 07 March 2025

Isizini yesibili ilandisa kabanzi ngoShaka noNandi befika KwaNobamba

Image

Ubuso obusha emdlalweni uShaka Ilembe

NGUNOMZAMO Mbatha ongomunye wabalingisi abahamba phambili kulo mdlalo.

THANDI ZONDI

UKHUZA ibuya nabalingisi abasha umdlalo ka-mabonakude odonse amehlo ababukeli ngesizini yokuqala, uShaka Ilembe, okuzoqala isizini yawo yesibili mhla ka-15 kuJune.

Phakathi kwabalingisi abasha abazobonakala kulo mdlalo, ngu-Andile Mxakaza, nguZamani Mbatha, uVuyo Biyela, uMelusi Mbele noWonder Ndlovu.

Ephawula ngabadlali abasha uDesiree Markgraaff oyi-execuitve producer yeShaka iLembe, uthe: "Bazoletha umdlandla, izinkinga ezahlukene zamandla, uthando nokwethembeka esikhathini sobunzima." 

Image

KUSUKELA kwesobunxele nguZamani Mbatha, nguVuyo Biyela no-Andile Mxakaza abangabalingisi abasha kuShaka Ilembe.

Isizini yesibili ilandisa kabanzi ngoShaka noNandi befika KwaNobamba, lapho iLembe liqala khona ukubusa njengenkosi yamaZulu.
"Yilapho simbona khona njengoShaka, usoma-qhinga nombono wakhe ebumba umbuso," kusho uNomsa Philiso ongumqondisi wezinhlelo ezivutshelwe kwaMultiChoice.


Kuzokhumbuleka ukuthi lo mdlalo waziwolela izindondo eziwu-12 kwiSouth African Film and Television Awards (SAFTA).
UNomzamo Mbatha odlala indawo kaNandi, ongunina kaShaka, wanqoba indondo yeBest African Actress kwi-2024 Septimius Awards e-Amsterdam ngenxa yalo mdlalo.

Image

NGUKHABONINA Qubeka odlala indawo kaNtombazi, unina weNkosi uZwide.

USheli Masondo yena wathola eyeBest Costume Design ngomsebenzi omuhle wemvunulo egqo-kwa kulo mdlalo.
UWiseman Mncube ubuyela ekudlaleni indawo yeNkosi yakwaNdwandwe, uZwide, uDawn Thandeka King uzobuyela enguMkabayi, uKhabonina Qubeka uzoqhubeka nekaNtombazi, unina kaZwide kanti noMondli Makhoba usekho-na kwekaNgomane, isethenjwa sikaShaka.