Izindaba | 02
Friday, 07 March 2025
Ezifingqiwe
01
Isivumelwano sokusebenzisana kuhulumeni nezinhlangano ezizimele
PHUMLANI GAMA
KULINDELEKE ukuba kuthele izithelo ezinhle ukusayinwa kwesivumelwano sokusebenzisana phakathi koMnyango wezokuBusa ngokuBa-mbisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, yizinka-mpani nezinhlangano ezizimele. Lesi sivumelwano sisayinwe ngoLwesine phakathi kwalo mnyango oholwa nguMfu Thulasizwe Buthelezi (osesithombeni) - ongungqongqoshe - nezikhulu ze-Old Mutual, iSantam Limited, iSouth African Red Cross ne-Al-Imdaad Foundation.
Umongo walesi sivumelwano yigunya lokuthi lezi zinhlangano zihlangane zibe yimbumba yoku-hlinzeka ngezinsiza lapho okusuke kuvele khona izinhlekelele.
UButhelezi uthe lesi sivumelwano sizokwenza ukuthi kube lula ukubhekana nazo zonke izinhle-kelele ezehla esifundazweni.
"Okuthokozisayo wukuthi lezi zinhlangano kazi-khulumi mahhala njengoba ezinye zazo zizohli-nzeka ngokwakha izindlu lapho ezisuke zidingeka khona. Abanye bazohlinzeka ngokudla, izi-mpahla nokunye okubalulekile. Sinethemba lokuthi lokhu kuhlangana kuzothela izithelo ezi-nhle. Kuyaziwa ukuthi sibhekene nenkinga yoku-guquguquka kwesimo sezulu.
"Isifundazwe sesike sabhekana nezimo ezinzima; esingabala kuzona izikhukhula nokuqubuka komlilo obekudinga ukuba sisondele ngokuhla-nganyela kukhona ukuze kuzosizakala abantu bakithi," kusho uButhelezi.
02
Usejutshelwe esishayamthetho obeyimeya KwaZulu-Natal
MENZI JELE
USEJUTSHWE ukuyomela iqembu lakhe esiSha-yamthetho saKwaZulu-Natal uMfu Petros Ngu-bane obeyimeya yaseMzinyathi ngethikithi le-IFP.
Lokhu kuqiniswe yimithombo engaphakathi kuMasipala waseMzinyathi njengoba izindaba zoku-khishwa kwakhe esikhundleni (sobumeya) zisabalale ekuqaleni kwaleli sonto.
Ngempelasonto edlule, kube nomhlangano wesigungu esiphezulu se-IFP - ochazwe njengo-shubile - ngekusasa likaNgubane, kwanqunywa ngoMsombuluko ukuba ashenxe esikhundleni.
Obeyiphini lakhe, uNkk T Mchunu, nguyena osezokuba yimeya yaseMzinyathi. Isigungu esiphe-zulu kuthiwa simsuse ngoba singagculisekile ngendlela abesebenza ngayo, kwazise umasipala wakhe ubuthole imibiko enogcobho iminyaka emibili ilandelana.
UNgubane naye uyilungu lesigungu esiphezulu se-IFP.
menzi.jele@ilanganews.co.za
03
Ikomidi livale amakhishi asejele laseWestville
THANDOLUHLE NGUBO
LINQUNYELWE ugwayi katiki mayelana nokulungisa amakhishi alo iJele laseWestville, eThekwini emuva kokuba ikomidi loMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ephalamende linqume ukuthi avalwe ukuze alungiswe njengoba engekho esimweni.
ILANGA Lempelasonto likhulume nosihlalo waleli komidi, uNkz Kgomotsho Ramolebeng, olilandise ngesimo esingagculisi asifice emakhishini akuleli jele.
"Akuwona wonke amakhishi ejele anenkinga, kodwa yingxenye ethile, okubalwa kuwo lawa asetshenziswa yiziboshwa eziyingozi. Kuleli (leziboshwa eziyingozi) bekungcolile, kunuka, uphahla naphansi kunezimbo-bo namanzi ezivuzela nje engalungiswa.
"Sibe sesivalelana neziphathimandla zakhona emhla-nganweni, sazitshela ukuthi kumele ziwavale la ma-khishi bese eyalungiswa," esho.
Uthe enye yezinkinga abazificile - okumele zilungiswe - wucingo olungekho esimeni esihle, olungenza kube lula ukungena nezinto ezingavumelekile ejele.
Uqhube ngokuthi ulindele umbiko ovela kuleli jele ngoLwesibili, ozocacisa ngokuzokwenziwa emakhi-shini, kungaphazamiseki uhlelo lokudla lweziboshwa. Uveze ukuthi phezu kwalezi zinkinga, kodwa kuningi okuhle okwenzeka kuleli jele okufana nokuqeqe-shwa kweziboshwa ngamakhono nesikole esenza kahle, i-Usethubeni.
04
Isivumelwano sokusebenzisana phakathi kweMKP ne-ATM
MTHOKOZISI DLOMO
UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ne-African Transformation Movement (ATM) benze isivume-lwano sokusebenzisana njengoba la maqembu elungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo nolukazwelonke ngo-2029.
Lesi sivumelwano senziwe emuva komhlangano obuphakathi kwala maqembu obuseThekwini ngoLwesithathu lapho ebedingida ngezinto azibona ngokufana.
Avumelane ngokusebenzisana ezinkethweni zo-kuchibiyela nasezinhlelweni zasephalamende.
“I-MK ne-ATM banombono ofanayo wokuthi uku-khululwa ngokugcwele kwabomdabu nabaci-ndezelwe eNingizimu Afrika, akukenzeki, kuyinto engazuzwa kuphela ngokubambisana,” kusho isitatimende esikhishwe yila maqembu ngokuhla-nganyela ngoLwesine.