Ezemidlalo | 18

Friday, 07 March 2025

Uphumela obala ngafuna ukukuzuza kwiSundowns

Image

UMiguel Cardoso uthi izinkomishi ziyafuneka eChloorkop

SENZO SOKHELA

UPHUMELE obala ngazimisele ngokukuzuza ngokuphela kwesizini umqeqeshi omusha weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso.

    IDowns ibambane neLamontville Golden Arrows ngo-1-1 koweBetway Premiership ngo-Lwesithathu ebusuku eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.

Igoli le-Arrows lishaywe nguKeenan Phillips kwa-thi eleDowns kwaba yiphenathi kaLucas Ribeiro.

IDowns izobhekana neSekhukhune United kwiQuarter final yeNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-20h00 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

Image

NGUMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UCardoso uthi ufuna ukusonga isizini kukhona izi-nkomishi aziqukulile kulezi asekhona embangweni wazo; okuyiBetway Premiership, iNedbank Cup - aba-sesigabeni sama-quarter final kuyona - iCaf Cha-mpions League, abasesigabeni esifanayo nakuyona, neFifa Club World Cup ezogijinywa uma kusongwa isizini.

"Izinkomishi yiyona into emqoka futhi efunekayo ngokuphela kwesizini. Kufanele sisebenze kanzima, sikuqinisekise futhi ukuthi siyazihlonipha izimbangi esibhekana nazo. Njengamanje into emqoka yilo mdlalo weSekhukhune, yiyona into esemakhanda ethu," esho.