Ezemidlalo | 17
Friday, 07 March 2025
IPirates isazosilwela isicoco seligi
URiveiro uthi kusengenzeka noma yini ngendebe yeBetway Premiership
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro (okwesokudla) uthi usazoqhubeka nokulwela ukuhlwitha iMamelodi Sundowns isicoco seligi.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
SENZO SOKHELA
USAZOQHUBEKA nokulwela ukuhlwitha iMame-lodi Sundowns isicoco seligi uJose Riveiro ongu-mqeqeshi we-Orlando Pirates ezama ukuvala igebe esicongweni.
IBucs iguqise iChippa United ngo-1-0 wegoli likaNkosinathi "Bhodlela" Sibisi koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
Le wini yenze iBucs yalivala igebe njengoba seku-ngelamaphuzu awu-16.
IBucs isilele ngemidlalo emine kwiDowns eqhwa-kele.
URiveiro uthi nakuba kubukeka sengathi isicoco seligi sesibaphunyukile, kodwa yena akakalipho-nsi ithawula ngaso.
"Iseyinde indlela kanti kithina kunzima ukuzibona ukuthi simi kuphi ngoba sisilele ngemidlalo. Sine-themba lokuthi kule midlalo esisilele ngayo si-ngayinqoba yonke. Kangikaliphonsi ithawula ngeligi ngoba akekho owaziyo ukuthi kusazo-kwenzekani endleleni," esho.
Imidlalo yeBetway Premiership ezokuba phakathi nesonto elizayo nangempelasonto yomhla ka-15 no-16 kuNdasa (March) imi kanjena:-
NGOLWESIBILI mhla ka-11
ESeshego: Magesi FC vs Richards Bay 19h30.
ELucas Moripe: Sundowns vs AmaZulu FC 19h30.
E-Athlone: Stellenbosch FC vs Pirates 19h30.
EMbombela: TS Galaxy vs SuperSport 19h30.
NGOLWESITHATHU mhla ka-12
E-FNB Stadium: Chiefs vs Cape Town City FC 19h30.
EDr Molemela: Marumo Gallants FC vs Sekhukhune 19h30.
E-Old Peter Mokaba: Polokwane vs Arrows 19h30.
NGOLWESIHLANU mhla ka-14
EMoses Mabhida Stadium: AmaZulu FC vs TS Galaxy 19h30.
NGOMGQIBELO mhla ka-15
E-Athlone: Cape Town City FC vs Marumo Gallants 15h30.
ESeshego: Magesi FC vs Arrows 15h30.
EBuffalo City Stadium: Chippa vs Polokwane 20h00.
NGESONTO mhla ka-16
E-FNB Stadium: Pirates vs Sundowns 15h30.
EKing Zwelithini: Richards Bay vs Chiefs 15h30.
EPeter Mokaba: Sekhukhune vs Stellenbosch FC 17h30.