Izindaba | 15

Friday, 07 March 2025

Image

Imibono

KwiLANGA ngoMsombuluko sishicilele udaba oluthi;

Ukhala ezimathonsi 'oqolwe yinyanga' izinkomo ezintathu, baphawule kanje
abafundi bethu:

01


LObert Mgabadeli Obert Mgabadeli

LEYO nto ngayibona kwamakhelwane. Umuntu okhiphayo usuke ethwele. Sakhipha izinto eziningi kabi kwajike kwangena inyosi endlini sabaleka isangoma.

02


Thandazo Mthiya: 

NOSBALI wami bamgila KwaMhlabuyalingana kugula udadewethu. Inyanga yathi izomlapha ifuna izinkomo ezimbili, kwathi kungakapheli ngisho isonto washona udadewethu. Ngiyazisaba izinyanga zalapho, amaqola.

03


Mzukulu KaJoseph:

AYIPHELELE le ndaba. Bekusuke kuphi kuze kufike lapho.

04


Sirr Lubha:

YINTO edinga ukulungiswa leyo ngoba bayazana futhi bayabonana.

05


Samkelo Lastborn:

ANIBAXOSHI ngani nina laba bantu abazibiza ngezinyanga lapho. Kushuthi baniphethe kahle. Woooonke umuntu kuleyo ndawo useyinyanga!

06


Thulebona Pholoba:

YEY webantu, hlukanani nezinyanga mbumbulu.

07


Linda Ngubane:

BAZONIQOLA ngoba animfuni uJesu, nifuna izaba.