Ezikaqedisizungu | 10
Friday, 07 March 2025
Sengathi uza mawala emjolweni MaDlamini
NGUSAZIWAYO uMinnie Dlamini.
KUBUKEKA sengathi ujabule othandweni lwakhe olusha uMinnie Dlamini noDkt Brian, phela uMzala uyaqala ukumbona ephosta kanje. Ubonakala ngisho ebusweni ukuthi ujabule. Kodwa-ke uMzala uzizwa enovalo ngendlela ajabule ngayo namaholidi awathathayo, kungathi le ntokazi iza ngamawala nje kulobu budlelwano.
Hhayi ngoba nginomona, phela asisabajwayele abantu abajabula kanje emjolweni. Sikufisela okuhle kodwa mntaka Dlamini. Ungakhohlwa ukukhipha isimemo sikaMzala uma sekunjalo ngoba hheyi igiya enihamba ngalo liphezulu kakhulu.
Kazi muphi u-Ayanda
Ncwane....
NGU-Ayanda Ncwane.
NJENGOBA sekusondele iPhasika, ngizwa ngikhumbula u-Ayanda Ncwane, phela wayesivuselela loya dade uma esesishumayeza aze afake nezilimi. Kazi muphi? Ngangithi kothi kushaya lezi zikhathi uyobe esevule ibandla lakhe. Yeka igiya ayeqale ngalo nkosi yami!!!
Sengifisa ukwazi nokuthi baphi laba ababethi angabanaki oMzala bayahhema, bethi akaqhubeke nobizo lwakhe.
He...he..he ngoba nina!! Ave nithanda ukuba yizicashalala zosaziwayo. Kodwa-ke angikho lapho, bengisho nje ukuthi ngimkhumbule uNkk Ncwane. Anomtshela ukuthi impilo kayisefani njengoba enyamalela.
Waze wafa ingcindezi Cassper
NGU-MRAPPER uCassper Nyovest
WAZE wafa ingcindezi uCassper Nyovest! Abalandeli bomculo wakhe ngizwe benephuzana ngale enkundleni yezokuxhumana i-X (Twitter) bethi akadedele abanye emculweni, usephashile. Uvele wadinwa kakhulu wathi uzokwenza iFill Up kulo nyaka.
Hhayi cha uMzala uyokuvuma uma kwenzekile kwakhona inkundla yezemidlalo egcwalayo. Cha, angikweyi mfoka Nyovest, kodwa phela akudlali ukugcwalisa i-stadium. Yinto uMzala ayigcina ngoChris Brown leyo. Angazi-ke ukuthi wena ungakwazi yini ukugcwalisa leso stadium njengoba nodumo lwakho selwehlile. Kodwa sizobona nanka amehlo ekake umbombo.
Vele ugxile emculweni ndoda
NGUMCULI kamaskandi uKhuzani.
LE nsizwa enguKhuzani Mpungose kudala iphanta, uMzala uke wahlala phansi ebuka izinto eqhamuke nazo kodwa ngokuhamba kwesikhathi zafadalala. Iphi nje iKhuzani Energy Drink, iKhuzani Perfume neKhuzani Funeral Plan?
UMzala ucabanga ukuthi kumele ugxile emculweni ndoda. Akukho kubi ukuzama izinhlobo ezahlukene zamabhizinisi, kodwa ake wehlele ngezansi kasikho isidingo sokutholakala yonke indawo okukaqadolo. Kodwa-ke uMzala uyakuncoma ngokuzama, ungapheli amandla boy!!