Izindaba | 09
Friday, 07 March 2025
Zahlola umshini wokugaya amalayisensi okungewona
Lokhu sekuholele ekutheni imiswe ithenda
THANDOLUHLE NGUBO
UMNYANGO wezokuThutha kuzwelonke uthembise ukuzama ngokusemandleni awo ukuqinisekisa ukuthi uthola isixazululo ngale kokuphazamiseka kokukhiqizwa kwamakhadi amalayisensi okushayela, kulandela isiphakamiso esihambisana nombiko we-Auditor General (AG) sokumiswa kwethenda yesamba esingaphezulu kuka-R460 million yomshini omusha wokukhiqiza amakhadi eyanikwa inkampani yase-France, i-Idemia.
Umbiko we-AG uza ngemuva kwesicelo esafakwa nguNgqongqoshe wezokuThutha, uNkz Barbara Creecy ocele kuyo ukuba iphenyisise ngokuvikeleka kwemininingwane yezakhamizi zakuleli njengoba i-Idemia eyawina le thenda ngonyaka owedlule, izoba nayo uma izakhamizi ziyokwenza noma zivuselela amalayisensi azo.
NGUNGQONGQOSHE wezokuThutha, uNkz Barbara Creecy.
Umbiko okhishwe yi-AG ngoLwesithathu ntambama uveze ukuthi nakuba imininingwane yezakhamizi zakuleli iphephile kodwa ukukhishwa kwale thenda kakuhanjiswanga ngendlela futhi nemali ebiziwe ingaphezulu kwenani lalo mshini. Uqhuba uthi nezikhulu zomnyango ezathunywa ukuyohlola lo mshini, zahlola okungewona njengoba kwakumele zihlole owohlobo lwe-IDEMIA mx8100, zona zahlola omunye, zehluleka nawukuphendula ukuthi kungani zihlole wona.
Ekhuluma okokuqala ngalo mbiko uCreecy, uthi umbiko we-AG awuyitholanga inhlese yenkohlakalo kule thenda njengoba imali beyingakakhokhwa. Uthi nakuba bekungakakhokhwa kodwa udaba uludlulisele enkantolo enkulu ukuze icebise umnyango ngezinyathelo okufanele uzithathe njengoba i-Idemia ibiqokiwe.
"Isicelo engisifake enkantolo singesiphuthumayo ngoba umshini esinawo njengamanje ukhipha amalayisensi esikhashana (temporary licenses), okuyinto okungafanele yenzeke isikhathi eside. Inkantolo ingicacisele ukuthi yisiphi isinyathelo okumele ngisithathe ukunqamula ithenda njengoba yase ikhishiwe," esho.
UCreecy uthi izakhamizi zakuleli mazehlise imimoya njengoba ithimba lomnyango eliholwa nguMqondisi-jikelele liphezu kwemizamo yokuthola izixazululo kulolu daba. Uthembise ukuthi izakhamizi zizokwaziswa maduze ngezeluleko zenkantolo nezinyathelo ezizolandela.
Inkinga yomshini wamalayisensi kuleli seyinesikhathi eside yaqala. Ngo-2022 owayengungqongqoshe woMnyango wezokuThutha kuzwelonke uMnu Fikile Mbalula wamemezela ukuthi umshini wamalayisensi ufile, uzolungiswa eGermany. UMbalula wabe eseveza ukuthi kuzokwethulwa umshini omusha wamalayisensi ngo-2025.