Izindaba| 08
Friday, 07 March 2025
Owe-ActionSA ukhala ngokuthi izidumbu zilandwa sezonakele
MTHOKOZISI DLOMO
KUSOLWA ukungakhokhelwa kosonkontileka abalungisa iziqandisi (fridge) zezidumbu emakhazeni kahulumeni eMahatma Gandhi Memorial Hospital, ePhoenix, njengoba kuthiwa iphunga likuxina usangena nje emnyango.
UMnu Zwakele Mncwango ongumholi we-ActionSA, KwaZulu-Natal ubehambele kulesi sibhedlela ukuyohlola isimo lapho ethi izisebenzi zikhale ngezimo ezisebenza ngaphansi kwazo.
"Umbuzo okhona ngowokuthi kungani udaba olunjengalolu umnyango (wezempilo) ungalusukumeli? Ngabe kawazi yini ngalo? Umbiko umuntu anawo ngowokuthi nakwezinye izindawo, iziqandisi kazisebenzi.
"Engazukuthi osonkontileka abalungisa lawa
ma-friji alawa makhaza kabakhokhelwe kusukela ngoSepthemba nyakenye," esho.
NGUMNU Zwakele Mncwango ongumholi
we-ActionSA, KwaZulu-Natal.
Unxuse umnyango ukuba ulusukumele lolu daba.
"Kubuhlungu ngoba abantu bakithi kumele beze emakhazeni bezothatha izidumbu zabathandiweyo babo sezibolile. Yinto lena esifisa ukuthi isukunyelwe, ilungiswe ngokushesha," kusho uMncwango.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo eKZN, uMnu Nathi Olifant, uthe bayibonile incwadi uMncwango ayithumelele uNgqongqoshe uNkz Nomagugu Simelane ne-video ayifake ezinkundleni zokuxhumana ngalolu daba. Uthe bebesalinde ukuba ungqongqoshe ayifunde le ncwadi ngaphambi kokuba aphendule imibuzo mayelana nalolu daba.