News | 04
Friday, 07 March 2025
OWAYENGUMCULI kamaskandi uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Mseleku (ongasekho).
MTHOBISI SITHOLE
UMNDENI kaMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Mseleku owayeyisilomo somculi kamaskandi uveza imfihlo yokungavuselelwa kwemoto yakhe. Lokhu kulandela ukuhlaselwa kwendodana yeBhova ebicela umnikelo ezinkundleni zokuxhumana yaze yafaka ne-account yayo yasebhange ukuba bayinikelele ukuze ivuse le moto.
Indodana kaMgqumeni, uSmiselo-ugxekwe ngokucela uxhaso ebantwini. Abantu ezinkundleni zokuxhumana bamchaphe ngezinhlamba, bethi akahambe ayofuna amatoho asebenze ukuze avuse imoto kayise. Le moto sekuphele iminyaka ewu-15 yagingqika, yapakwa emuva kwendlu endaweni yakwaGxobanyawo, eNquthu lapho okwangcwatshwa khona iBhova koninalume.
UMgqumeni ushone ngomhla ka-19 kuDisemba -2009.
IMOTO yeBhova eyagingqika eseshonile
Ekhuluma naleli phephandaba uNelisani Mseleku oyilungu lomndeni, uthe kunezizathu ezinkulu ezenze ukuba iyekwe kanjena le moto ihlale ekhaya. Uthi ezinye zazo lezi zizathu, kuvikelwa zona izingane zalo iBhova.
"Kunezizathu ezinkulu zokubekwa kwaleya moto," esho
Uveze ukuthi le moto yehliswa isuswa eGoli ngesikhathi kuyongcwatshwa uMgqumeni, okuthe emuva komgcwabo yabekwa yambozwa ngoseyili.
"Umuzi nomuzi unezinto zakhona. Akekho umuntu ongayithandi imoto phakathi kwekhaya, nathi asikaze siyisebenzise. Inkinga enkulu ngeyokuthi kwesinye isikhathi uma uthi uzama ukulungisa izinto, zokonakala kakhulu. Le moto ayigingqwanga yithina nobhuti (uSkhevane).
"UMgqumeni ushone singenazo izimoto, kodwa emuva komngcwabo wakhe, sayishiya ekhaya sagibela amatekisi sabuyela eGoli ngoba sinezizathu," esho.
Uthi ziningi izimoto zikaMgqumeni abantu abangazazi, zonke ziphelela emhlabathini.
Indodana yeBhova ithe ukucela kwayo uxhaso ezinkundleni zokuxhumana, kungenxa yokuthi kukhona abathile abaphakamise ukuba ivuswe kabusha. Ithe kuyayimangaza ukuthukwa kangaka ekubeni bekungesiwona umbono wayo.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, kunemibiko ethi uMgqumeni wayeshilo ngemizuzu yokugcina ukuthi ayobekwa le moto ingasetshenziswa. Kuthiwa eseshonile, nezikhiye zayo bezihlala kuninakhulu uNkz Qaledumisa Sibiya (ongasekho).
"Imoto ibihambisa ugogo wakhe emholweni kuphela bese iyabekwa. Ngolunye usuku engekho ugogo, yathathwa ngomunye oyilungu lomndeni wahamba ngayo eyothenga okuthile, yagingqika obala," esho.
mthobisis@ilanganews.co.za