Ezemidlalo| 20
Friday, 28 March 2025
KWESOKUDLA; nguThabo Cele oyibamba esiswini kwiChiefs, onxusa abalandeli bale kilabhu ukuba beseke abadlali.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
LILENGELA eweni ikusasa likaSamkelo Zwane (23), weKaizer Chiefs - ezobhekana neLamontville Golden Arrows koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini - njengoba kuvela ukuthi le kilabhu ihlela ukumudedela unomphelo, kumbe yebolekise ngaye.
Leli phephandaba lithole ukuthi iChiefs ihlela ukudedela kumbe ibolekise NgoZwane odlala esiswini kule kilabhu.
UZwane udonsa kanzima ukuthola isikimu selokhu enyuselwe eqenjini elikhulu ngo-2023, esuka enkulisa yeChiefs.
Kuthiwa iChiefs ihlela ukukwenza lokhu ngesizini ezayo njengoba kuvela ukuthi izokhuculula bonke abadlali abayifenisha kuyona.
Imizamo yokuthola uKaizer Motaung Jnr ongumqondisi-jikelele webhola kwiChiefs ukuba aphawule ngalolu daba, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.
NGUSAMKELO Zwane okuvela ukuthi angase aphelelwe yindawo kwiChiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Kuzo ezeChiefs, wenza isicelo kubalandeli bale kilabhu uThabo Cele (28) odlala esiswini, osanda kuyijoyina esuka kwiFakel yaseRussia.
Iya kulo mdlalo nje, abalandeli bayo kabeneme njengoba le kilabhu ingaqondakali kwazise liyashisa, ibuye ibande.
Badinwe bayaqhuma njengoba igcina ukudlala ihlulwe ngo-2-0 yiRichards Bay koweligi eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
UCele uthe: "Okwenzeka ngale sizini sazi kahle ukuthi yinto abangayidingi abalandeli bethu, bafuna ukusibona senza kahle enkundleni.
"Engikucelayo kubona wukuthi kulesi sikhathi esinzima baseseke kakhulu kunakuqala ngoba uma besidalakaxa kuzokwenza izinto zibhede kakhulu kunakuqala," esho.
Amathikithi alo mdlalo asatholakala eTicketpro ngo-R80.
Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership engempelasonto imi kanje:-
NGOMGQIBELO
EBuffalo Stadium: Chippa United vs AmaZulu FC 15h30.
EMoses Mabhida Stadium: Lamontville Golden Arrows vs Kaizer Chiefs 15h30.
E-Old Peter Mokaba: Magesi FC vs Stellenbosch FC 17h45.
NGESONTO
E-Old Peter Mokaba: Polokwane City vs Richards Bay 15h30.
EMbombela Stadium: TS Galaxy vs Marumo Gallants 17h45.
EPeter Mokaba Stadium: SuperSport United vs Cape Town City 17h45.