Imibono | 15
Friday, 28 March 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: UMngqithi uveza ubuhle nobubi beChiefs. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
Ndukuzamabomvu Ngubane: WAXOSHELWA isipepe kwiSundo-wns ngoba imiphumela igcine ingahambisani noku-claimer ukuba ngusiyazi kwakhe.
Thulani Alfred:
ASIDINGE mbono wakhe, akanake lapho eqashwe khona. Bathanda ukuphawula ngeChiefs kanti lukhulu ushintsho kuyona, inkinga nje wukushaya amagoli.
Sihle Miya:
USEWU-COACH weChiefs yini? Ngabe uveza ubuhle nobubi
be-Arrows.
Sizwe Pholoba:
UHLANGANAPHI neChiefs loyo manje?
Mondise Thokozani:
UBAZI kanjani ububi nobuhle
be-team angakaze ayikhoshe?
😂😂🤦
Bandile Ernest Magazini:
LE ndaba kayiphelele, yekani ukuthatha isayidi ningakayizwa indaba 😂😂😂
Mjakajaka Democrase Msuthu:
CHA inebhadi kodwa nayo le chiefs yakhona! 😤
Cphiwe Badlamandlami Mgube:
USEFUNA ukuqashwa yiChiefs-ke manje?
Sphamandla Thotho:
IVUMENI iChiefs, yi-team enkulu le.
Lucky Songo:
MAKAYEKE iChiEfs, usefuna ukuduma ngabanye.
Thulani Ngcondo:
ANIMENI kancane ngoMngqithi - sisalahlekelwe ezweni, uMax Makhanya akaziwa ukuthi ukuphi.
MC Starter Dlaminie:
KUKHONA okuhle asekubona ngeChiefs lo obeyigxeka kanje kwiDowns?
Mandla Sithole:
NAWU umbhobho, awungibuzele yena ukuthi uhlanganaphi?