Imibono | 14
Friday, 28 March 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Ugcwele amathafa uMax Makhanya ofunwa yiNdlunkulu kaZulu. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
Lo mlisa uthe uma kwenzeka ebulawa, akobuzwa abadidiyeli bamabutho kaZulu
Vanessa Marcus Mtshali:
Wathi inkabi ezoshaya yena isazozalwa, watatazela pho manje Steven Seagal?
Mgabadeli Dladla:
LO unyelwe yinyoni esandleli! Okukabani nje ukubizwa kuthiwa woza uzobonisa indlunkulu ukuthi ngonjani umuntu okufanele ahlale esihlalweni, nokuthi iSilo kumele siziphathe kanjani. 😂😂
Philani Zulu:
NIYAMTHOLA yini? Uthi ukuphi nezwe? Akakaphumi ngaphandle kwezwe kodwa?
Faith Cekwane Mafe:
KANTI weyisa kangaka nje, uyigwala futhi? Indlu yegagu ubuxhaxhaxha (iyanetha).
Siboniso Mathe:
ANGAQALI akhulume ngokufa. Wathi yena uwushaya sbhamu, akesabi muntu. Useyesaba manje?
Douglas Ntsele:
KANTI uyesaba futhi? Akaqhubeke phela abe yinsizwa le athi uyiyo!!!!
Ndabenhle Ngcobo:
UYAKHUMBULA ehlekisa ngokufa kukaDubula???? Inxeba lendoda alihlekwa.
Thembi Mantengu:
KOBE kubuza bani, ehlushwe yini? Ufile awufile, asinendaba nawe.
🤣🤣🤣🤣
Philani Cebekhulu:
MAKAVELE azotalajwa aphelelwe yicala nje qha.
Bheki Dladla:
UYABONA lelo khala lisazoba nenkinga enkulu. Bathi uma bekukhuza wathini wena? 🤣🤣
Ungazositetemela lana wena. Awusagundi nekhanda. 🤣😜😜😜
Dladla Amahle:
ANGASIFAKI! Uhola yedwa emuva kokuthuka abantu - washo njalo. Hamba eNdlunkulu uyacelwa.
Mzoh Pat KaNgunezi:
IPHELILE insangu manje la ekhanda lakhe, kuse ngokunye.
Derrick Smanga Hlongwane:
HHAYI cha uyakwesaba ukufa!
Nami ngazi ukuthi akukho muntu ngempela ongakuthinta. Akavele axolise khona lapho koTik-Tok ukuze aphephe.
Gcwabelihle Kama Vovo Mkhize:
USESABA ukubulawa, ubengasabi ngani ukwehlisa isithunzi seNdlunkulu? Kodwa ndodani le ekhuluma izindaba zemizi yabantu? Ibambe ngakho. 🤞
Bheki Mqondisi Gwala:
KODWA-KE yonke le nto isizoze ifike kuleli zinga nje, bekungena-sidingo salabo Tik-Tok nezinhla-mba nokuhlambalazana. Sekuzoze kubulawane nje ngenxa yokufuna udumo nama-likes. Umchapha kanjani umuntu ngenhlamba kungonakele lutho, ungamazi futhi?