Izindaba | 12

Friday, 28 March 2025

Ezempilo

Sidinga ukuqashelwa isimo sengqondo 



Ukushonelwa kubalwa njengesinye sezehlo esingadala ukuphazamiseka...

Image

Phumlani Gama

UMZIMBA womuntu wakhiwe ngezitho zomzimba ezahlukene. Zonke lezo zitho  zinomsebenzi wazo obalulekile, ohambisana nokuphila komuntu. Kulolu shicilelo sibheka ukusebenza nokubaluleka kwengqondo (brain) .

 Odokotela abaningi bafanisa ingqondo yomuntu  njengenjini yemoto, ngoba yiyona elawula konke ukusebenza komzimba womuntu. Bathi ukuphazamiseka kwayo  kuyenzeka kuhambisane nezehlakalo ezingezinhle njengengozi, wukulahlekelwa ngothandiweyo, nezinye.

* INGQONDO YOMUNTU:

Ingqondo yinto engabonakali  evikelwe wuntwentwesana, ngaphakathi kwamathambo ogebhezi  lwekhanda.

Image

* IZIMPAWU ZOKUNGASEBENZI KAHLE KOMQONDO:

Ngokusho kukaDkt Sikhulile Ngobese ongumphathi wesikhungo esisebenza
ngezimo zengqondo, iHluma Wellness Care uthi, ziningi izimpawu eziveza ukungasebenzi kahle kwengqondo.

Uthi ezinye zazo ziqala kancane kodwa kugcine sekuyinto enkulu. Uthi ezinye zalezo zimpawu zijwayele ukuqala emuva kokuba umuntu edlule esimweni esingesihle, okanye esethusayo, okungaba  wukushonelwa ngosondelene naye.

Ephawula ngezinto ezingaba wuphawu lokuphazamiseka kwengqondo uthe: "Uma kade ushonelwe ngumuntu emuva kwezinsukwana ungabe usakwazi ukudla; uvilaphele ukwenza izinto obujwayele ukuzenza ngaphambi kokuba kwenzeke isigameko esithile; ungalangazeleli ukwenza izinto ezithile, okungaba wukwenza ucansi uma kade ujwayele ukulwenza; ukuhlala ngokuzivalela ungafuni ukuxhumana nabangani obuphila nabo.

" Konke lokhu kuyizimpawu zokuqala kokuphazamiseka kwengqondo," echaza.

Image


* UKUZELAPHA:

UDkt Ngobese uthi zikhona izindlela zokuyigwema inkinga yengqondo.

"Uma uzizwa unalezi zimpawu, kufanele ubonane nabeluleki bengqondo. Ungavakashela osonhlalakahle abasebenza ngezimo zengqondo . Ngakolunye uhlangothi ungavakashela izikhungo ezifana nalesi sethu. Nasezikhungweni zikahulumeni, okungaba yizibhedlela bakhona odokotela abasebenza ngengqondo yomuntu - nakhona ungakwazi ukuthola usizo," kuchaza uDkt Ngobese.