Izindaba | 06
Friday, 28 March 2025
Uza eNingizimu Afrika
uKenny G
Mpume Sibiya
AZOQALA ukudayisa namuhla ngoLwesihlanu amathikithi ekhonsathi kaKenny G, ongumculi we-jazz, odlala iSaxophone (Saxophonist), waphesheya kwezilwandle, oshaya ngomculo opholile.
Lo mculi uzoba nekhonsathi yezinsuku ezintathu eNingizimu Afrika, eqala ngomhla ka-1 October 2025, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, (ICC), eThekwini bese edlulela eGrandWest Arena, eCape Town mhla ka-2 kuyena u-October, bese eyiphetha mhla ka-4 eSunBet Arena, eTime Square, ePretoria.
Abathandi balolu hlobo lomculo bazothola ingqayizivele yethuba lokumbona bukhoma uKenny G, eshaya adume ngazo.
Kulolu chungechunge lwamakhonsathi, lo mculi uzoqhulula amanoni amadala abaningi abazifelayo ngawo, kuhlanganisa nomculo wakhe omusha.
UKenny G waduma kakhulu ngezingoma okubalwa kuzo esihloko sithi, Songbird, Silhouette, Forever in Love nezinye.
Uthe usejahile ukuzojabulisa abalandeli bakhe njengoba sekuneminyaka agcina ukuvakashela eNingizimu Afrika.
Inani okutholakala ngalo la mathikithi alikadalulwa.
* Khona manjalo, umculi waphesheya kwezilwandle uKaryn White (osesithombeni esingenhla), naye uzonandisa kuleli ngomhla ka-30 kuLwezi (November) 2025, e-Emperors Palace, eKempton Park, eGoli. Lo mculi waduma ngamanoni ezingoma zothando okubalwa kuzona ethi: I'd Rather Be Alone, Superwoman, Can I Stay With You namanye, ukubala ambalwa.
Amathikithi ale khonsathi aqala ukutholakala ngo-R800 kuya ku-R2 500 eWebtickets (Pick n' Pay). sibiyam@ilanganews.co.za