Ezemidlalo | Ikhasi 20

ULwesihlanu, 28 February 2025

OweDowns uveza okumqoka ngomdlalo weChiefs


Ukhala ngobunzima obubhekene nabadlali bakhe


Image

NGUTEBOHO Mokoena ongelinye lamathemba eSundowns okubhekwe ukuba ayisize uma isibhekene neKaizer Chiefs.

MFANAFUTHI NDLOVU

UVEZA okumqoka ngomdlalo wezakhe ne-Kaizer Chiefs abazobhekana nayo koweBet-way Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eLucas Moripe Stadium uMiguel Cardo-so ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns, esiphenduke umshini oqhulula amagoli nje-ngoba inganqeni ukuhlohla amane ezitheni.

Lo mqeqeshi odabuka ePortugal utshele abe-zindaba ukuthi okumqoka kunakho konke kuyena, wukuqinisekisa ukuthi uyawunqoba umdlalo weChiefs kumnyama kubomvu nge-nhloso yokuqinisa indawo yabo kwi-log.

Uthi yize ebhekene nobunzima ngesikwati sakhe ngenxa yokuthothelana eduze kwemi-dlalo, kodwa uyazama ukubhekana nalesi simo ukuze abalandeli bakanobhutshuzwayo bagculiseke ngemali abayikhokhayo ukubuka imidlalo yale kilabhu.


"Kanginandaba kangakho namagoli esesiwa-shayile kule midlalo emine esiyigijimile, oku-balulekile wukungena amaphuzu esikhwa-meni sethu. Okumqoka wukuthi kufanele silwele ukungangenelwa ngamagoli.

"Eqinisweni ngigculisekile ngezinga labanye babadlali enginabo ekhempini. UJayden Adams ukhombisa ukuvuthwa ngendlela eyi-simanga enkundleni, kanti noLucas Suarez uya ngokuvela, kwazise usuka osikweni lapho bekudlalwa amabhola ahamba phezulu, ke-pha uzojwayela,” kusho lo mqeqeshi.

USuarez oyibamba emuva, ubegijima kwiTa-relles yangakubo e-Argentina abebolekiswe kuyona yi-Estudiantes RC yakhona e-Argenti-na.

Ebuzwa ngabanye abadlali abanokuthinteka okukhona kubona oRowen Williams onguno-zinti, uKhuliso Mudau obonakalile iDowns ibhaxa iSekhukhune United ngo-4-2 koweligi ngoLwesithathu ebusuku, uCardoso uveze ukuthi bazobona kahle uma sebeqala izinhle-lo zamalungiselelo alo mdlalo wabo neChiefs.

Image

NGU-GLODY Lilepo okubhekwe ukuba alekelele iChiefs iqede ukuchanasa kweDowns ekhanda layo.

IDowns isiyiphuze inyongo iChiefs njengoba izi-Mpofana zagcina ukuyehlula ngo-1-0 ngo-2019 koweligi. Emidlalweni ewu-40 esigijinywe yila ma-kilabhu, iDowns isanqobe ewu-20, iChiefs yanqo-ba ewu-14, badlala ngokulingana kwewu-12.

Kubadlali okubhekwe ukuba banqobele uCardo-so lo mdlalo wangoMgqibelo, kubalwa uPeter Shalulile, uLucas Ribeiro, uTeboho Mokoena noMarcello Allende.

U-Abrey Modiba oyibamba kwesobunxele emuva uzobe engekho kulo mdlalo ngenxa yokuqoqa amakhadi aphuzi. Elinye ulithole emdlalweni ne-Sekhukhune.
Amathemba eziMpofana alele kubadlali okuba-lwa kubona uGlody Lilepo, uThabo Cele, uMdu-duzi Shabalala noTashreeq Morris nokho ongaka-yenzeli lutho le kilabhu selokhu esayinile kuyona esuka kwiSuperSport United.
UGastin Sirino weChiefs uzokube engekho nge-nxa yesigwebo sekhadi elibomvu.