Ezemidlalo | Ikhasi 17

ULwesihlanu, 28 February 2025

UZwane uphefumula “ngokushiywa” nguVilakazi

USuthu luzobhekana nezitha sezigabe ngowodumo kwiBafana Bafana

Image

NGU-ARTHUR Zwane (kwesokudla) enoVusi Vilakazi obenguzakwabo oSuthwini.

MFANAFUTHI NDLOVU

UPHAWULE okokuqala ngqa umqeqeshi ose-yinhloko kumaZulu FC, u-Arthur “10111” Zwa-ne ngokushiywa nguzakwabo, uVusumuzi "Kanu" Vilakazi ofake isicelo sokwesula kule kilabhu kungalindele muntu.

ILANGA Lempelasonto libe nengxoxo Zwane othe uKanu ubesefana nelungu lomndeni wakhe. Uthe kumethusile ukuhamba kwakhe, wathi kodwa izinto ezifuze lezi zivamile ebho-leni, kuphela nje kufanele basale bazibambe ziqine ukuya phambili.

Uqhube ngokuthi kuyohlale kunzima ukula-hlekelwa ngumuntu osuke usebenza naye, wathi bazomukhumbula uKanu, futhi kuningi aba-shiye besafuna ukukuzuza oSuthwini.
Uthe nokho ngenhlanhla enkulu, kabashodi kakhulu ngasohlangothini lwabaqeqeshi.

Image

NGU-MUHSIN Ertugral ongumqeqeshi weCape Town City.

USuthu luzovovana inkani neCape Town City ko-weBetway Premiership ngeSonto ngo-15h30 eKi-ng Zwelithini Stadium, eMlazi ebhentshini seku-hleli uZwane noSboniso "Nini" Vilakazi.
Mayelana nalo mdlalo, uZwane uthe: “Kubalulekile ukuba siqhubeke nomgqigqo omu-hle, singavumeli kungene amagoli kithina.”
Uthe okuhle uzobhekana noMuhsin Ertugral owake wamqeqesha esangumdlali kwiKaizer Chiefs.
" Sizokube sizimbele thina igodi uma singayitha-tha kalula iCape Town City. Kumqoka ukuba siyi-qaphe ngeso lokhozi. Sizozama ukuvala kahle emuva kwazise siyawakha amathuba okushaya amagoli, kodwa singawasebenzisi,” kusho lo mqe-qeshi owengeze ngokuthi kubalulekile ukuba abonge abadlali boSuthu abakhombisa ukuzi-misela ngaso sonke isikhathi.
“Sidlalile nayo iCity eCape Town, sabuya nama-phuzu agcwele siyehlula ngo-1-0. Konke sekulele emiqondweni yabadlali," esho.

Ngemuva kwalo mdlalo, uSuthu luzovakashela iSuperSport United.
" Sizobuya lapho (kwiSuperSport) siyobhekana neMamelodi Sundowns. Yimidlalo emqoka yonke le okubalulekile ukuba siyinqobe ukuze sikwazi ukuqinisa indawo yethu kwi-top 4. Bonke abadlali esinabo banalo ikhono lokubuyisa udumo loSuthu," esho.

ICity izobhekana noSuthu isigabe ngoThulani "Cream" Serero owazakhela udumo eyibambe kwi-Ajax Cape Town eseyabuyela egameni layo elidala leCape Town Spurs. USerero - onesipili-yoni sokudlala kwi-Uefa Champions League (esa-dlalela i-Ajax Amsterdam) - uke wayibamba nase-qenjini lesizwe, iBafana Bafana.