Ezikaqedisizungu | 10

Friday, 28 February 2025

Woza Nazo Mzala

Image

KAZI UYOMPONGOLOZA KUPHI UDJ SBU?

ENGABE useyomemeza kuphi uDJ, Sbu njengoba esememezele ukuthi uyashiya kwiRadio 2000?  
Cha bandla uMzala uyakuvuma ususebenzile impela emisakazweni eminingi. Asethembe ukuthi njengoba ushiya, usuya kwenye inkundla ehlukile, kwezomsakazo. UMzala ucabanga ukuthi sekumele udedele abanye manje, ucije nentsha kulo mkhakha.    

Sengathi sekuyizo izinsuku zokugcina manje lezi!

Image

HHAYI bandla umndeni wakwaKhumalo uhlezi unokuxakile nje. 
   Ngibone umculi uZandi Khumalo ejabulela ukuthi umshana wakhe uChristian (oyindodana kaKelly) oneminyaka ewu-14 ukuthi useqonyiwe, wafaka i-video yalo mfana eqatshulwa yintombazane. Hhawu! Hhayi! Ngeke Mam'ncane ngiyakweshwama lokhu okwenzayo. Kusho ukuthi nale ngane (kaKelly) yentombazane uThingo, izoletha ibhungu ithi yisoka layo, bese ushaya izandla? 
   Ayenziwa le nto oyenzayo, vele akuphikiwe ukuthi izingane ziyaqomana, kodwa kazigqugquzelwa ngale ndlela owenza ngayo. Khula dadewethu uyeke ukuzihlaza.

Image

SAVELELWA nguKing Zoso ophosta yonke into!

KUTHIWA indoda ibonakala ngemisebenzi yayo. Impela siyibonile ekaZoso laphaya kwiFacebook ngesikhathi akha isitezi esisusa phansi.
  Ewu noMzala washaya ihlombe ebuka umsebe-nzi omkhulu kangaka ensizweni esencane. Ngokukhulu ukuzehlisa nokuzithoba, siwumphakathi sesicela usinike ithuba lokuphefumula manje King Zoso, maluju! 
   Phela sesikhathele nguwena usiphostela yonke into oyithengayo. Uthenga usimende uyaphosta, impuphu uyaphosta....ngeke ndoda kanti yithi yini esabulala uJesu, sixolele manje. Siyozibonela thina imisebenzi yakho sincome, phumula manje khehla.