Ezemidlalo | Ikhasi 16
ULwesihlanu, 28 February 2025
Uthole inkontileka econsisa amathe owakhuliswa nguninakhulu
Uyazifela ngeKaizer Chiefs nomculi kamaskandi, uKhuzani Mpungose
NGAPHANDLE KWENKUNDLA MZWAMANDLA ZONDI
UBONGA iBongumusa Training Run neSalga Games ngokumvulela amathuba kwezokugiji-ma uLindelani Mjwara waseMpendle, kodwa ozalelwe eKilimon, e-Underberg yodumo lwe-Harry Gwala Summer Cup - okuwumjaho wa-mahhashi wasemakhaya.
UMjwara ungomunye wabasubathi abasema-theni kulezi zinsuku njengoba engomunye wa-babuye nendondo yesiliva kwiSouth Africa Marathon Championships ebisemasontweni amabili edlule eCape Town.
Ngenxa yokwenza kahle eCape Town, uhlabane ngethuba elifiswa ngabagijimi abaningi loku-thola inkontileka ngaphansi kwekilabhu yakhe, iHollywood Athletics Club, okungenye yamaki-labhu akhula ngesikhulu isivinini kwezokugiji-ma eNingizimu Afrika.
UMjwara uzalwa mhla ka-23 kuDecember ngo-1996. Uqede u-matric ngo-2018 eChibelihle Combined school eMpendle. Ngemuva koku-phuthula u-matric, uqhubekile nokugijima.
Uthi ngesikhathi eyingxenye yeBongumusa Mthembu Training (60km), uchaze uProdigal Khumalo we-Orcas Academy.
Uthi uKhumalo umthathile wamfaka kwi-aca-demy yakhe ezinze eNanda, kusuka ngo-2020 kuya ku-2024. Nyakenye uthathwe yiHollywood AC njengoba manje esejoyine e-Elite Team yale kilabhu.
Ingxoxo kaMjwara neLANGA Lempelasonto (I/L) ngempilo yakhe yaNgaphandle KweNkundla ihambe ngalolu hlobo:
I/L Ungumuntu onjani?
Mjwara: Ophansi, ohloniphayo futhi obazisayo abanye abantu.
I/L Ukhulele ekhaya elinjani?
Mjwara: Isimo besisibi, namanje kasikabi sihle. Sikhuliswe yimali kagogo yempesheni. Ngiyathandaza ukuba iNkosi ingiphe amandla ngikwazi ukushintsha isimo sasekhaya.
I/L: Uzizwe kanjani ujoyina iHollywood AC Elite Team?
Mjwara: Ngijabule kakhulu ukuba yingxenye yabagijimi okubalwa kubona uGerda Steyn noStephen Mokoka. Ngizosebenza kanzima ukufika ezingeni labo.
I/L: Basaphila abazali?
Mjwara: Umama kuphela osaphila, kanginalo ulwazi ngobaba ngoba wahamba ekhaya ngisemncane, kangikaze ngizwe lutho ngaye.
I/L: Uyakholwa.
Mjwara: Yebo, ngiliNazaretha.
I/L: Unayo ingane?
Mjwara: Kangikabi nayo.
I/L: Ngaphandle kokugijima, ukhona omunye umdlalo owuthandayo?
Mjwara: Ngikhule ngidlala ibhola, kodwa manje uma ngingagijimi ngiye ngidlale amabhayisikili.
I/L: Yiyiphi ikilabhu oyilandelayo eNingizimu Afrika?
Mjwara: NgiyiKhosi for Life (Kaizer Chiefs).
I/L: Uthanda itiye noma ikhofi?
Mjwara: Itiye.
I/L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakashela?
Mjwara: YiFrance. Ngithanda idolobha lakhona, iParis.
I/L: Ukhonze hloboluni lokudla?
Mjwara: Ngithanda okunemifino.
I/L: Imoto ofisa ukuhamba ngayo?
Mjwara: Noma yiyiphi ephakeme.
I/L: Uhlelo lukamabonakude olukhonzile?
Mjwara: Uzalo, kanti abalingisi engabakhonzile nguNkunzi odlalwa nguMasoja Msiza noSbu odlalwa nguSimphiwe Majozi.
I/L: Umbala owuthandayo?
Mjwara: Omnyama.
I/L: Imalini enkulu oseke wayiwina kulo mdlalo?
Mjwara: Wu-R8 000 kwiKaapsehoop Marathon, lapho ngenze khona i-personal best (PB) kwi-marathon (2:18). Uma kukhona okuncane engikutholayo, ngikuhambisa ekhaya.
I/L: Hloboluni lomculo oluthandayo?
Mjwara: Umaskandi. Ngike ngacula ngesikhathi se-lockdown, kodwa kangikwazanga ukuqhubeka ngenxa yokuntula imali yoku-recorder. Uma ngingathola ithuba ngingaqhubeka. Abaculi engibathandayo nguMtshengiseni (ongasekho) noKhuzani.
I/L: Zithini izinhlelo zakho zanonyaka?
Mjwara: Ngifuna ukwenza kahle kwiComrades, ngingene ngaphansi kwamahora awu-6 njengoba nyakenye ngiqala, ngiqophe u-6:03 ngaphuma unombolo 53.
I/L: Yini ofisa ukuyenzela abazali bakho?
Mjwara: Ngifisa ukubakhela umuzi, ngibonge ugogo ngokusikhulisa kanzima saze saba ngaka.