Izindaba| 9

Friday, 28 February 2025

Image

NGUMENGAMELI wase-USA, uMnu Donald Trump, ovale uxhaso lwezempilo.

Uvaleke thaqa umpompi woxhaso lwezempilo oluvela eMelika


Izinhlangano ezingenzi inzuzo ebezihlomula kulolu xhaso, yizona ezishayeke kakhulu


INTATHELI YELANGA

USUVALEKE unomphela umpompi woxhaso lwezempilo obeluqhamuka kuhulumeni wase-United States of America (USA), obelulekelela iNingizimu Afrika ezinhlelweni zokulwa nengculaza.
   Izinhlangano ebezithola uxhaso olubizwa ngePresident's Emergency Plan for Aids Relief (Pepfar), obelukhishwa ngaphansi kwe-United States Agency for International Development, (USAID), kubikwa ukuthi zithole izincwadi ezichazayo ukuthi ngeke luphinde lutholakale.
   Indaba yalolu xhaso ibe sematheni ngesi-khathi uMengameli wase-USA, uMnu Donald Trump, ememezela ukuthi uyalumisa  okwe-sikhashana. Wathi usalubuyekeza, bese ethatha isinqumo sokuthi luqhubeke lutholakale noma lunqanyulwe unomphela.
   UTrump wamemezela ukumiswa kwalolu xhaso emuva kwesikhashana nje egcotshiwe kulesi sikhundla ngoMasingana (January) nonyaka. I-Pepfar yethulwa ngo-2003, ukusiza amazwe okubalwa kuwona neNingi-zimu Afrika, obekubonakala kudlobe kuwo inkinga yengculaza.
    Kusukela lwaqala lolu xhaso, iNingizimu Afrika kubikwa ukuthi ibisithole imali elinganiselwa ku-R145 billion.
   Izinhlangano okubikwa ukuthi zigqemeke engeqiwa ntwala ngokuvalwa kwalolu xhaso kubalwa kuzona i-Anova Health Institute, eyinhlangano ezimele, engenzi nzuzo, ebile-kelela ngokuhlolwa kwabantu iHIV, nangoku-hlinzeka ngemishanguzo kweminye imitho-lampilo kahulumeni ebidinga usizo.
   Ziningi nezinye izinhlangano ebezilekelela ngokuhlinzeka ngemishanguzo kwabaphila neHIV. Njengoba isimo sesinje, sekulindeleke ukuba uhulumeni waseNingizimu Afrika uthwale izindleko zokuhlinzeka ngemisha-nguzo nosizo obelulethwa yilezi zinhlangano.
   Kunovalo lokuthi abantu abadla imisha-nguzo yeHIV, abebehlinzekwa yilezi zinhla-ngano, basengcupheni, kodwa uMnyango wezeMpilo kuleli, phambilini uthe abantu mabehlise amaphaphu, kuzoqhubeka ukutholakala kwemishanguzo.
*NEWS24