SIZOKWEHLISWA isikali sokudliwa kwenyama emajele akuleli kulandela ukushoda kokudla.
Izinguquko ekudleni kwasemajele akuleli
THANDOLUHLE NGUBO
UMNYANGO wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kuleli, uchitha eyokushodelwa yimali njengemba-ngela yezinguquko zohlelo lokudla emajele.
Lokhu kulandela isinyathelo sawo sokunciphisa isikali senyama edliwa yiziboshwa nokunye ukudla okungabizi imali enkulu.
Kulolu hlelo olusha kuvela ukuthi inyama yenkomo, eyenkukhu nenhlanzi obekudliwa izinsuku ezine kweziwu-12, sekuzodliwa usuku olulodwa kweziwu-12. Izikhala zokudla ezizovuleka zizovalwa ngobhontshisi ozodliwa izinsuku ezimbili (kweziwu-12), amaqanda nawo azodliwa izinsuku ezimbili, iSoya ezodliwa usuku olulodwa ne-chicken giblets, okuyinhlanganisela yengaphakathi lenkukhu (okuyizinhliziyo, izibindi, izingingila nemiqala).
Kwenzeka lezi ziguquko nje, sekunesikhathi eside kunezikhalo ngokushoda kokudla emajele akuleli. Leli phephandaba labika ngalokhu ngonyaka owedlule, ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi iziboshwa zaseWestville, zihlala izinsuku zingadlile ngenxa yokungabikho kokudla kuleli jele.
Imibiko yaveza ukuthi kwesinye isikhathi kuze kuphoqe ukuthi iziphathimandla ziyolanda izinsa-lela zokudla ejele eliseMzinto, ukuze iziboshwa zaseWestville zilale zidlile.
UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, wakuqinisekisa ukuthi kunenkinga yokunga-dli kweziboshwa. Wathi lokhu kungenxa yokufa kwezindawo zokupheka kuleli jele. Muva nje ezinkundleni zokuxhumana bekuzungeza imiyalezo ephuma ebantwini abehlukene kuleli, bekhala ngamajele angenakho ukudla.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kuzwelonke, uMnu Singabakho Nxumalo, uthi lesi sinyathelo kasihlangene nemali yomnyango okuthiwa iyashoda.
"Ukushintsha kwendlela yokudla kungenxa yemizamo yokuletha ushintsho nokuletha okuhlukile emajele. Akulona iqiniso ukuthi ukudla akukho. Iziboshwa bezingeke zivume ukulala zingadlile," kusho uNxumalo.
Inhlagano yamalungelo eziboshwa, iSouth African Prisoner's Organisation for Human Rights, ithi ilubonile lolu hlelo, kodwa kayigculisekile ngalo. Ngesikhathi kusanda kuqokwa uDkt Pieter Groenewald njengoNgqongqoshe wezokuHlunye-leliswa kweziMilo, wamemezela ukuthi ufisa lo mnyango uzikhiqizele ukudla kwawo ukuze kongeke imali yabakhokhi bentela.
Wathi amanye amajele anomhlaba omkhulu okumele usetshenziswe yiziboshwa, kukhiqizwe ukudla okuzodliwa ejele.