Izindaba| 6

Friday, 28 February 2025

Image

YISILO uMisuzulu kaZwelithini, obethula inkulumo kuvulwa isiShayamthetho saKwaZulu-Natal.

IMbube ikhala ngokungcola kwezindawo zasemakhaya

Ithi nalezo ezazigundwa kahle, sezaphenduka amahlathi, kwezinye kugeleza indle emigwaqweni

LUCKY CAIN

SIKHALE ngokungcola okusezindaweni zase-makhaya nasemalokishini iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ngesikhathi sethula inkulumo yokuvulwa ngokusemthethweni kwesiShaya-mthetho saKwaZulu-Natal, emcimbini obusezinkundleni zemidlalo eMgungundlovu ngoLwesine.
   Sikhale ngokuthi izindawo ezazigundwa kahle phambilini, seziphenduke amahlathi.
   "Kwezinye izindawo kugeleza indle, imfucuza ikhona yonke indawo. Uzothi omunye, wumse-benzi kabani ukuhlanza izindawo zethu? Impendulo yami ithi, uhulumeni wendawo kumele ube phambili ukugunda amahlathi notshani, nokuhlinzeka ngemigqomo ngoba kokunye yiwo olahla imfucuza esiyinqwaba emigwaqweni,"  kusho iMbube
   Ithi inhlanzeko imqoka ezindaweni okuhlala kuzona umphakathi. Indlulamithi iphinde yezwakalisa ukukhathazeka ngesimo sezulu esidala izinhlekelele, sishiye kukhalwa. Lokhu ikusho kulandela isigameko sakamuva esidlule nemiphefumulo yabantu ezindaweni ezisogwi-ni neTheku ekuqaleni kwaleli sonto.
   Inxuse uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli ukuba ahlele ingqungqu-thela ezohlanganisa izinhlaka ezahlukene okubalwa ongoti, amakhosi, izinduna namalungu omphakathi ukuze kuqhanyukwe namasu njengoba kungaqali ukuthi isimo sezulu esibi sihlasele esifundazweni. Izibophezele ukuthi nayo izoba yingxenye yale ngqungquthela.
   Inkulumo yeSilo kayibanga yinde, kodwa igxile ezihlokwezi ezithinta umphakathi, okubalwa kuzona udaba lodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. ISilo sikubeke kwacaca ukuthi udaba lwalolu dlame kaludingi abomthetho kuphela, kodwa ludinga wonke umphakathi kuhlanganisa izinduna namakhosi.
   Sitshele izicukuthwane ukuthi sesiqalile ukuhamba phambili ekulweni nalesi sihlava ngokusebenzisana nezinhlangano ezizimele, nezingenzi inzuzo. Kalusalanga ngaphandle udaba lobugebengu esithe lusaqhubeka. 
   "Kuyacaca ukuthi impi yobugebengu kasikayinqobi, nakhona kumele siqhubeke silwe ukuze abantu baphephe," kusho iNdlulamithi. 
   ISilo siphinde sezwakalisa ukukhathazeka ngodaba oluthinta ibhange Ithala neNgonya-ma Trust. Nakuba singandanga kakhulu ngalo-lu daba, kodwa sinxuse ukuthi kumele kufi-nyelelwe ezixazululweni, futhi sinethemba lokuthi kuzokwenzeka lokhu.