Ezikaqedisizungu | 4

Friday, 28 February 2025

Image

NGUSWEET Guluva waseNquthu ongenele umncintiswano weBig Brother Mzansi S5.

UTHWELWE ngeqoma owaseNquthu kwiBig Brother Mzansi S5

LUCKY CAIN 

ITHWELWE ngeqoma insizwa esencane yase-Nquthu, uSweet Gulu-va, engomunye waba-ngenele umncintiswano kamabonakude, iBig Brother Mzansi S5, olukhonjiswa kuCha-nnel 198, ubusuku nemini nakuMzansi Magic Channel 161, ngeSonto nangoMso-mbuluko. 
   USweet Guluva ogama lakhe lange-mpela ngu-Akhona-mathemba Mbhele odabuka eNquthu, usezakhele igama kulolu hlelo, njengoba esephenduke intando-kazi ngokuziphatha kwakhe nangendlela azigqaja ngayo nge-mvelaphi yakhe.
   Kuleli sonto kuvunga-me izinkundla zoku-xhumana kuvela izi-ndaba zokuthi ungo-munye wabangase baphume ngeSonto ntambama uma enga-watholi amavoti enele. 
   UMnu Zama Shaba-lala oyiMeya kaMasipala waseNquthu lapho kudabuka khona uSweet Guluva, unxe-nxa ukuba esekwe ukuze abeke lo masi-pala ebalazweni lomhlaba uma ewina.  
  Uthe indawo yaseNqu-thu  inomlando ojulile esizweni samaZulu nakwezobuciko. 
   Uthe  yingakho bezi-qhenya njalo uma kunomunye wabo owe-nza izimanga ezibeka le ndawo emehlweni abantu. 
  
   "Siwumasipala sikh
u-thaza futhi siyanxusa ukuba uGuluva esekwe ngazo zonke izindlela . 
   "Sinxenxa abantu baseNquthu, eMzinya-thi nakuzona zonke izindawo zaKwaZulu-Natal, ukuba bamvotele akwazi ukunqoba," esho.
   Uthe ukunqoba kuka-Guluva  kuzosho lukhu-lu kubantu baseNqu-thu, ikakhulukazi intsha ukukhombisa ukuthi akukho okungenzeki, futhi akusho lutho uku-thi uqhamuka kuphi.
  Uthe nakuba umasi-pala ungenayo inkece eyanele, kodwa unezi-nhlelo zokuthuthukisa amaciko. 
  "Inkece ekhona siyazi ukuthi kayanele ukufe-za zonke izinhlelo esizi-fisayo,  kodwa ngoku-bambisana noMnyango wezobuCiko namaSiko, sinalo ithemba," esho.