Izindaba | 03
Friday, 28 February 2025
Uthi ukulingisa kumenze waduma, kodwa kwambambezela emsebenzini wamahlaya
Lucky Cain
USOMAHLAYA wodumo uCeleste Ntuli, uthi kumsizile ukuthatha ikhefu kwezokulingisa ukuze agxile ekusabalaleni emkhakheni wamahlaya.
UCeleste ungomunye wosomahlaya baKwaZulu-Natal asebezakhele igama kulo mkhakha nakwezokulingisa njengoba eseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kumabonakude, okubalwa Isibaya neminye.
Kulo nyaka uveze ukuthi uzoqala imizungezo yokugubha iminyaka ewu-20 esemahlayeni. ILANGA Lempelasonto likhulume nalo somahlaya kulandela ukunyamalala kwakhe kumabonade.
Uthe ukungabonakali kwakhe kumabonakude akusho ukuthi uhleli ekhaya, akukho akwenzayo.
"Ngimatasa kakhulu, kusukela ngathatha ikhefu kwezokulingisa. Abantu kumele bakuqonde ukuthi empeleni mina ngingusomahlaya kuqala ngaphambi kokuba ngibe ngumlingisi," kusho le ntokazi ehlangane naleli phephandaba emcimbini obuseThe Chairman, eThekwini ngeledlule.
"Ukuba ngusomahlaya yikhona okuhamba phambili kumina. Ukulingisa kwangenza ngaziwa kakhulu, kodwa kwangibambezela kwezinye izinto ezithinta amahlaya. Ngikhuluma nawe nje sengihlale ngishaya imizungezo kwamanye amazwe ukukhulisa igama lami kulo mkhakha. Imizungezo ngiyenza emazweni ase-Afrika naphesheya kwezilwandle," kusho uCeleste.
Uthi usanda kubuya e-UK ukuyokwenza umzungezo wakhe.
"Njengoba ngibuyile kuleli, ngihlela umzungezo wami wamadolobha akuleli wokugubha iminyaka ewu-20 ngisemkhakheni wamahlaya. Ngifuna ukuhambela wonke amadolobha amakhulu akuleli ," kusho uCeleste.
Uveze ukuthi usazobuyela kwezokulingisa kodwa okwamanje usagxile emahlayeni ngoba yiwona aphila ngawo, futhi ufuna ukugubha iminyaka ewu-20 ngendumezulu yomcimbi wokuvala unyaka.
Uthe usazoba nawo umcimbi wakhe waminyaka yonke awenza eThekwini ngenyanga azalwa ngayo ngoNcwaba (August) nonyaka.
"Lowo awuhlangene nowokugubha iminyaka ewu-20, kodwa uzimele eceleni," kusho yena.
lucky.cain@ilanganews.co.za