Izindaba | 14
Friday, 21 March 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Udutshulwe wafa oshayelise kabi isosha, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
NGUNKZ Zandile Mnomiya (44) okuthiwa ngowesilisa ashayelisane kabi naye.
Yolanda MamakaSbabalwe Gasela:
MHLAMPE lalikhona lelo sosha, ngesikhathi seCovid 19, ngisha-ywa, bengiphuca igilosa ngoba ngingenayo imvume yokuphuma endlini.
Wendy Mchunu-Sibiya:
AKUVE bengenanhliziyo labo! Akudlali ukuqhuma kwebhomu endlebeni nsuku zonke. Kuyacaca ukuthi izingqondo zabo zipha-mbanisekile🤞
Vatiswa Ngxulelo:
YILE nto yokuthanda ukuthukana emgwaqweni. Hhayi-ke wavele wathuka umuntu ongenanhliziyo, ohlale edubula. Usisi makalale ngokuthula bandla.
Prena Sharma:
AMASOSHA nezinhliziyo zensimbi ngathi amarobhothi.
Mzakes Nyanganduna:
HHOOOW lihlulwa yimpi le eDRC lizobulala umuntu la, aliboshwe.
Bandile Ernest Magazini:
LE ndaba kayiphelele, yekani ukuthatha isayidi ningakayizwa indaba. 😂😂😂
Thamsanqa Potso Zikalala:
YINGAKHO ngingayithengi imoto, nginqena yona le nto.
Bongekile Pititi Luthuli:
KULUNGILE kodwa lizobathola abanjengalo.
Nompumelelo Duze:
MALIYOBHEKANA neM23 phela lelo sosha silibone ubungqwele balo.
Zondi Mthokozisi:
Mina ongashaya uLuthando Mzila usisi wami, angakubona okwaboniwa nguSawuli, ebheke endamaseli.