Izindaba | 10
Friday, 21 March 2025
Kazi Somizi usuqale nini ukuba wumhlaziyi?
USOMIZI Mhlongo usaba ngumhlaziyi yini? Phela ngimuzwe ethi laba abakhankasela uSweet Guluva kwiBig Brother Mzansi, bazomnciphisela amathuba okunqoba ngoba bafunza wonke umuntu ukuthi makavote. Hhawu! Ngokukhankasa nje?
Umfo kaMhlongo ucele abakhankasa ekhasini lakhe ukuthi bame, usekhathele yibona.
Yehlisa umoya SomG, uyoze ukhushukelwe wushukela ngento engekho.
Zama ukufunda isiZulu ntombi!
UDUDUZILE Zuma-Sambudla uzibona esengusa-ziwayo uma ephakathi kwabantu. Njengoba ebevele eNkantolo yeMansthi eThekwini, ngoLwesine ngecala lokuphehla udweshu, bekungathi uzibonela abalandeli bakhe, abamjabulelayo.
Ngapha ushutha ama-video, uyamoyizela ungaze ufunge ukuthi ukumaSama Awards. Namanje isiZulu kasikavuki? Hhayi ntombi zama, awusakwazi nokuhlanganisa imisho emibili nje. Pho uzokwazi ukuhola abantu uma kunje? Phela abantu bafuna umuntu okhuluma ulimi lwabo, bese bevumela phezulu ngo- 'Elethu'. Hhayi, uMzala akafuni kuthiwe usethe, kodwa uyihlo ukhuluma isiZulu esinothe kabi, zama ukufunda ntombi.
Kunswempu ukuba ngumdlali webhola!
Eish kunswempu ukuba umdlali webhola, ngizwe kuthiwa le ntwana engu-Eric Mathoho idliwelwe izimoto, ngisho le ebikade iyisitobha seKaizer Chiefs. Hhayi, kuthiwa kunswempu, izinto zayo kazihlangani. Ek'se Itumeleng Khune, ngizwe kuthiwa kade iboleka kuwena u-R50K, awuyiboleke phela ivale leli hlazo. Amajita ayabhekelelana.
Cha ziyabusa bo iziboshwa ngemali yethu!
UMZALA uyaxakeka ukuthi kungani iziboshwa zikhala kangaka uma kuthiwa zizodla amaqanda, inyama yengulube, eyenkomo neyenkukhu, ubhontshisi nofishi. Semngathi zibuye zikhohlwe ukuthi ngisho abakhokhi bentela kabakudli konke lokhu ezikudlayo? Ngabakhokhi bentela abondla zona lezi ziboshwa.
Sengathi kuzomele singene emgwaqweni sitoyizele ukuthi sikhathele ukondla amabhantinti. Ngizwe nenhlangano elwela iziboshwa ikhala ngokuthi ezinye kazinamindeni, zethembele kulokhu kudla.....He..he..he kanti eMzansi ninjani! Kazi laba ababulawelwa izihlobo zabo kumele bathembele kubani?