Izindaba | 09
Friday, 21 March 2025
NGUMNU Paul Mashatile, oyisekela likamengameli wezwe, ozokwethula inkulumo eqavile.
BHEKI NDLOVANA
ININGIZIMU Afrika igubha usuku olukhulu lwamalungelo abantu, olubizwa ngeHuman Rights Day.
Lona ngomunye wemigubho emikhulu nebalulekile kuleli lizwe.
Ingqikithi yomgubho wanonyaka igxile ekujulisweni kosiko lwezobulungiswa bezenhlalakahle namalungelo abantu.
Le ngqikithi iyikhwelo elibhekiswe kuzo zonke izinhlaka ezikhona emphakathini.
Kumele kusetshenzi-swane ekusheshiseni izixazululo zokwakha umnotho ohlomulisa bonke abantu, nokuda-lwa kwamathuba emisebenzi; ukunciphi-sa ububha nokubhe-kana nezindleko eziphezulu zokuphila, nokwakha izwe elithuthukayo.
Owanonyaka umgubho wenzelwe eDerrick Ferreira Stadium, Kariega, e-Eastern Cape, namhlanje ngoLwesi-hlanu. UMnu Paul Mashatile, oyisekela likamengameli wezwe, uzokwethula inkulumo eqavile.
Lolu suku lusetshe-nziswa nanjengesi-khumbuzo sesibhi-congo sokubulawa kwabantu eSharpeville (Sharpeville Massacre), esenzeka ngomhla ka-21 kuNdasa (March) 1960, lapho amaphoyisa kahulumeni wobandlu-lulo adubula, ababula abantu abawu-69, ababebhikisha.