Izindaba | 07
Friday, 21 March 2025
Yizintokazi ezizobonakala kwi-season entsha yeThe Real Housewives of Durban.
Ukuvezwa kwamazwibela alolu hlelo kwenze ababukeli balulangazalela nakhakhulu
Lukhuza ibuya nabasha kanti basekhona nabanye abadala...
Thandi Zondi
LUKHUZA ibuya uhlelo oseluzakhele ugazi kubabukeli bakumabonakude, iThe Real Housewives of Durban (Season 5), olutshengiswa kuShowmax okulindeleke ukuba luqale ngomhla ka-28 kuMashi. Lolu hlelo olukhuluma ngempilo yabesifazane abaphila kahle, lungolunye lwezinhlelo eziwu-10 ezibukwa kakhulu kwiShowmax.
NguNonku Williams noSorisha Naidoo okuyibo asebehlale isikhathi eside kumaHousewives ase-Afrika, noJojo Robinson owaqala ukubonakala ku-season 2 no-Angel Ndlela owaqala ku-season 4.
NGUNONKU Williams noSorisha Naidoo.
IShowmax isanda kukhipha i-trailer etshengisa ukuthi zizobe zibuya kangakanani kulo hlelo. Lezi zintokazi zizojoyinwa ngamanye
ama-Housewives okungu: Ayanda Mthembu (35), oyinkosikazi, umama wezingane ezimbili nodokotela wamehlo osephumelele, onezindawo ezimbili zokusebenzela.
Ngaphambi kokujoyina lolu hlelo ubekhonze uSlee Ndlovu obekulolu hlelo phambilini.
NGU-AYANDA Mthembu
Kuzobobakala noKwanele Kubheka (30), ungunina wezingane ezine, usomabhizinisi aphinde abe yi-social media influencer. Sekuphele unyaka eshade ngokwesintu nophathina wakhe kanti umshado wabo uhlezi usematheni. Uzimisele ngokucacisa konke kulolu hlelo.
NGUKWANELE Kubheka
ULo Sithole (40) akazusala. Le ntokazi ingumfundisi, ingomunye wabanikazi
be- Industrial Training Centre, ePinetown bese kuthi eThekwini bane-Artisan Training School.
Umyeni wakhe unebhizinisi lokubolekisa ngemishini yokwakha. Bobabili bangabaholi beDiscovery Church. Le ntokazi ithi izimisele ukugqugquzela abesifazane abasebancane ngempilo yobuKhrestu, izotshengisa nangempilo yokuba yinkosikazi kamfundisi.
NGULO Sithole.