Izindaba | 03
Friday, 21 March 2025
NGUMCULI kamaskandi uMayoghurt
ophoxwe ngokuphila nokukhubazeka.
Usolwa ngokuqashwa kuyona yonke imicimbi ngoba 'edatshukelwa'
UMayohurt unengwe ngumculi ohlekisa ngesimo sakhe
Mthobisi Sithole
UHLASELWE ngabathandi bomculo wesintu umculi kamaskandi ogxeke ukuqashwa komculi ophila nokukhubazeka ngokunikezwa amathuba okuzibonakalisa emakhonsathini omculo. UZanefa Ngidi waKwaNgoni, KwaMaphumulo, uhlaselwe ngenkulumo yakhe ayisho ezinku-ndleni zokuxhumana, ethi abahleli bemicimbi yomculo, baqasha isidalwa esihlulwa wukucula, kuyekwa bona abanengoma enkulu, ethandwa ngabantu. Ubekusho lokhu egxeka ukuqashwa kukaMayoghurt emicimbini ehlukahlukene.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uZanefa, uthi akazisoli ngenkulumo yakhe, uthi uyisho engaphuzile. Uthi uma befuna ukuqashwa bona nabanye abaculi, batshelwa ukuthi imali kayikho, kodwa uMayoghurt akaphuthi emicimbini ekubeni ecula ingoma encane.
"Abahleli bemicimbi bathi imali iphelile uma bengivalela emicimbini yabo, ekubeni abantu bewuthanda umculo wami. Imali kayipheli uma bemdabukela yena ngoba ekhubazekile. Kubuhlungu ukuthi kasiwatholi amathuba okujabulisa abantu ekubeni besithanda," kusho uZanefa (osesithombeni) esingezansi.
ILANGA Lempelasonto likhulume noMayoghurt, ngemuva kwale nkulumo, othe unengekile ngokuhlaselwa kwakhe yilo mculi.
"Ngiqashwa ngoba abantu bayakuthanda engikwenzayo. Baningi abantu abakhubazekile abasemculweni, kodwa abangalitholi ithuba lokuqashwa emicimbini.
"Lokho-ke kuyizinkomba zokuthi akusikhona ukuthi ngiyadatshukelwa. Abahleli bemicimbi bangibiza ngoba bebona isasasa lami kubantu. UZanefa kuzomele ayoxolisa ngale nkulumo yakhe kubahleli bemicimbi," kusho uMayoghurt.
mthobisis@ilanganews.co.za