Ezemidlalo | 18

Friday, 14 March 2025

USuthu empini yokubuyisa isithunzi ngeGalaxy

Luhlome nangomdlali ozazi ukusuka nokuhlala izitha
Image

KWESOKUDLA; nguBongani "Ben 10" Zungu wamaZulu FC exinwe nguDaniel Cardoso weseKhukhune United. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

MFANAFUTHI NDLOVU

AMAZULU FC afunga ayagomela ukuvuka ngeTS Galaxy azobhekana nayo emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesihlanu ngo-19h30 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

IGalaxy kayigayelwa mphako kulezi zinsuku nje-ngoba ingawabheki amaphuzu amathathu. Emdlalweni wayo wokugcina ishaye iSuperSport United ngo-3-1 ekhaya kanti uSuthu lubuye lulambatha luguqiswa yiMamelodi Sundowns ngo-2-0 emdlalweni wokugcina.

Image

KUZODINGEKA avuke azithathe uRiaan Hanamub oyisitobha soSuthu, obonakala egingqika ezama ukuvimba uKhuliso Mudau weSundowns emdlalweni odlule.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UBongani "Ben 10" Zungu ogijima esiswini soSuthu, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ukubhekana nekilabhu eyenza kahle kuhlale kunengcindezi.

"IGalaxy iyalwa enkundleni futhi inamandla. Nokho nathi sizimisele ukuvuka ngayo, sibukise abalandeli bethu into yamehlo enkundleni. Phela kayimibi kangako imiphumela yekilabhu yakamuva ngaphandle kokuguqiswa yiMamelodi Sundowns ngo-2-0 ngoLwesibili.


"Ukuqoqa amaphuzu agcwele kulo mdlalo neGalaxy kuzoqinisa amathuba okufeza izinhloso zethu njengoba sizimisele ngokusonga isizini sikwi-top 3. Siyilindele iGalaxy, sinabo bonke abadlali abangakwazi ukuqoqela ikilabhu amaphuzu agcwele," esho.

Image

NGUNKOSIKHONA Radebe.

UNkosikhona Radebe ogijima ngakwesokudla esiswini soSuthu - osuka kuyona iGalaxy - uthi bayazi ukuthi bazobhekana nekilabhu enzima, kodwa okuhle wukuthi bazokube bedlalela ekhaya.

"Ngiyazi ukuthi iGalaxy iphetheni njengoba bengidlala kuyona phambilini. Abadlali bayo bayakwazi ukuhlasela ngamandla, kakufanele sibavumele ukuzenzela umathanda ngoba uma bethola amathuba okushaya amagoli, bayakwazi ukuwasebenzisa ngendlela ngaso sonke isikhathi.

"Ngicela abalandeli bethu ukuba bafike ngobuningi babo kulo mdlalo. Sizozama ukubajabulisa ngokuthi siwunqobe kumnyama kubomvu," esho.


Kubadlali ababhekiwe oSuthwini ukuluqoqela amaphuzu agcwele nguSifiso Ngobeni, uTshepang Moremi noWayde Jooste kanti iGalaxy igabe ngoKamogelo Sebelebele, uDzenan Zajmovic, uKeagan Dolly - ovutha bhe kulezi zinsuku phambi kwamapali - noSamukelo Nkabini.