Ezemidlalo  | 21

Friday, 14 March 2025

URiveiro ubale amagama ephawula ngoSaleng

Ulindele ubunzima bodwa kwiPirates enenxeba umqeqeshi weSundowns
Image

KUSUKELA kwesobunxele, nguSteve Komphela noMiguel Cardoso abangabaqeqeshi beSundowns, nguMonnapule Saleng ongumdlali wePirates nomqeqeshi wakhe, uJose Riveiro.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

MTHOKOZISI DLOMO

UBALE amagama akhe umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ephawula ngodaba lukaMonnapule Saleng, osekuphele isikhathi eside engabonakali enkundleni ngenxa yezinkinga phakathi kwakhe nabaphathi bekilabhu.

USaleng ubevutha engabaselwe esigabeni sokuqala sesizini ka-2024/25 njengoba eshaye amagoli ayisihlanu emidlalweni ewu-13 okubalwa kuwona nakowamanqamu weMTN8 abawudlala neStellenbosch FC eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMfumfu (October) nyakenye.


Sekuyisikhashana uSaleng engabonwa ngisho ebhentshini kwiPirates. Ngokungabikhona kwalesi sibabuli somdlali, uRiveiro uphoqeleke ukuthembela kuMohau Nkota obegijima kwinjejane yeziMnyama.


Ebuzwa ngodaba lukaSaleng, uRiveiro, uthe uzophawula ngokucophelela ngoba "noma yini engingayisho ngalolu daba izodayisa amaphephandaba. Engingakusho nje wukuthi ngizifisela inhlanhla zombili izinhlaka ezithintekayo. Akuwona umsebenzi wami ukukhuluma ngezinto ezifana nalezi," esho.

Image

NGUMONNAPULE Saleng enza adume ngazo. Lapha wayeshiya isitobha se-Al Ahly, uYahya Attiat waseMorocco sidla utshani.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Uthe okwakhe wukugxila kubadlali abaphambi kwakhe, anikwe bona ukubasebenzisa.

"Akekho kithina othanda ukuba kulesi simo esikusona, uma ubuka indlela esiyiqale ngayo isizini. Kodwa-ke, ngenhlanhla sinabadlali abanekhono eliyisimanga esikwatini sethu, abakhombisa ukulambela ithuba lokuba senkundleni.


"Ngicabanga ukuthi sinabadlali abenele kuzona zonke izingxenye, abangakwazi ukwenza umsebenzi enkundleni. Kumele sigxile kulokhu esibhekene nakho njengamanje, sizicijele umdlalo wethu wangempelasonto (neMamelodi Sundowns).
"Kasinaso isikhathi sokucabanga ukuthi ngubani okhona, ngubani ongekho," esho.


IBucs izobhekana neDowns koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto, ngenhloso yokubuyisa izinduku njengoba ezasePitoli ziyibhabhadise ngo-4-1 emzuliswaneni wokuqala ngenyanga edlule.


UMiguel Cardoso ocija iSundowns ephawula ngalo mdlalo uthe: "Lo mdlalo uzoba nzima ikakhulukazi njengoba iPirates idlalela ekhaya. Silindele ubungozi kwiPirates kwazise idlala ibhola elisheshayo futhi isebenzisa isivinini uma ihlasela.

"Kodwa-ke, ngikholwa wukuthi umdlalo wethu uzoba mnandi futhi uzoba seqophelweni eliphezulu. Noma kanjani wona uzofika siwuhlomele nxa zonke." 

Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership ezokuba ngale mpelasonto iqhathwe kanje:-
NGOLWESIHLANU
EKing Zwelithini Stadium: AmaZulu vs TS Galaxy 19h30.
NGOMGQIBELO
E-Athlone Stadium: Cape Town City vs Marumo Gallants 15h30.
ESeshego Stadium: Magesi vs Golden Arrows 15h30.
EBuffalo City: Chippa United vs Polokwane City 20h00.
NGESONTO
E-FNB Stadium: Orlando Pirates vs Mamelodi Sundowns 15h30.
EKing Zwelithini Stadium: Richards Bay vs Kaizer Chiefs 15h30.
EPeter Mokaba: Sekhukhune United vs Stellenbosch FC 17h45.