Izindaba | 04

Friday, 14 March 2025

UHlengiwe Mhlaba uzoqopha bukhoma egubha iminyaka esemculweni

Uzoshiyelana inkundla nezinye izintandokazi ze-gospel
Image

Thandi Zondi

SITHEMBISA into yamehlo isilomo se-gospel, uHlengiwe Mhlaba edilini lomculo elizobe liseThe Playhouse, eThekwini mhla ka-22 kuNdasa (March), lapho sizobe sigubha khona iminyaka ewu-20 siyibambile kule ndima.

Kulo mcimbi - obizwa ngele-20 Years of Grace - uHlengiwe uzobe eqopha bukhoma.
Phakathi kwezingoma azobe ezicula, kubalwa ethi, "Sewakhile" nethi, "Rock of Ages", okuyizona azakhela ngazo udumo.

Ebuzwa ukuthi yini emenze waphumelela ukuhlala iminyaka ewu-20 kule ndima, uthe: "Wukuzihlonipha, wukuhlonipha umsebenzi nokwesaba uNkulunkulu. Kule minyaka ewu-20 ngakhe ubudlelwano nabantu abaningi bemikhakha eyahlukene. Nakho lokho kungisizile ekutheni ngihlale ngizithuthukisa njengomculi.

"Ngike ngasebenza nabaculi bezinye izinhlobo zomculo, nalokho kungisizile ekutheni ngihlale ngivelele, ngikhulise negama lami. Njengoba nomkhakha ukhula futhi ushintshashintsha, nami ngiyazama ukuthi ngihambe nezikhathi ukuze ngizokwazi ukuhlale ngisezinhlizweni zabantu," esho.


Uthe abathandi bomculo wakhe bangalindela uHlengiwe Mhlaba lo abamaziyo, kodwa-ke kumele bamlindele nomunye abangakaze bambona ngaphambilini.

"Le khonsathi izobonakalisa uHlengiwe, iveze amakhono ami wonke ngobuningi bawo. Sizobe senza izingoma ezintsha, kodwa ngeke sizishiye nalezi abantu abazithandayo.
Ngizobe ngishiyelana inkundla noJumbo, uThobekile nabanye engizobaveza ngosuku lomcimbi," esho.

Image

UJUMBO noThobekile (abaphahle uHlengiwe Mhlaba) ngabanye babaculi leli ciko elizoshiyelana nabo inkundla.

"Le live recording kayikho mayelana nami, kepha imayelana nabo bonke abantu asebehambe nami iminyaka ngeminyaka. Iculo ngalinye esengake ngalicula, lingelabantu, ngelokubaphilisa, libelaphe futhi libasondeze kuNkulunkulu," esho.

Uthi le khonsathi iwukukhombisa umusa kaNkulunkulu phezu kwempilo yakhe, futhi iyindlela yokubonga uNkulunkulu ngasedlule kukho kule ndima.


UHlengiwe useke wahlonishwa kwiSouth African Music Awards (SAMA), iCrown Gospel Music Awards nakweminye imicimbi yezindondo.
Uzakhele ugazi ngephimbo lakhe elehlukile futhi elinesigqi.


Amathikithi atholakala eWebticket.