Izindaba | 13

Friday, 14  March 2025

Image

0.5%

Okunyuswe ngawo intela. Izogcina imi

16% 

ngo-2026...

NGUNGQONGOQSHE weMali, uMnu Enoch Godongwana.

Kuzonyuka izindleko zokuphila kubathengi

Ngenxa yokwenyuswa kweVat

Bheki Ndlovana

ISINQUMO sikahulumeni sokwenyusa intela ekhokhwa ngabathengi ezimpahleni ezahlukene nakumasevisi athile, ebizwa ngokuthi yiValue Added Tax (VAT), sizoba nomthelela ongemuhle ephaketheni kubathengi.

Nakuba abathengi abaningi bebephikisana nokuba uNgqongqoshe weMali, uMnu Enoch Godongwana enyuse iVAT, kodwa uqhubekile waphakamisa ukuba yenyuswe ngo-1% eminyakeni emibili kusuka manje.

Image

Kulo nyaka (2025) izokwenyuswa ngo-0.5%, bese kuthi ngonyaka ozayo iphinde yenyuswe
ngo-0.5%. Lokhu kuzoyenza yenyuke isuka
ku-15% ekuwo njengamanje, ifinyelele ku-16% ngo-2026. Inyuka nje iVAT yayikade igcine ukwenyuswa 
ngo-2018 isuka ku-14%. Nangaleso sikhathi kwaba nesikhalo esikhulu kubathengi, bekhononda ngokuthi lokhu kwenyuka kwentela kuzobaklinya.

UMnu Thabani Ndwandwe oyiChief Risk Officer eStandard Bank, uthi izindleko zokuphila zizokwenyuka kubathengi ngenxa yalolu guquko olwenzekile kwintela.

 Umthelela ongemuhle ongadalwa wukwenyuswa kweVAT

Ukwenyuka kwentengo:
UNdwandwe uthi ukwenyuka kweVAT kusho ukwenyuka kwentengo yezimpahla namasevisi. Uthi lokhu kwenyuka kwentengo yezimpahla namasevisi kuzokwandisa umthwalo emahlombe abathengi. Uqhuba athi abathengi abasemazingeni aphansi  nalabo abasezingeni eliphakathi nendawo ngokomholo wabo, yibona abazoshayeka kakhulu kulokhu.

Uthi iVAT ihlephula ingxenye enkulu yomholo kubantu abasemazingeni aphansi empilo, uma kuqhathaniswa nabantu abayizimpunyela.



Amandla emali:
Ohlaziyweni olwenziwe ngabeMaximum Profit Recovery (MaxProf), kubikwa ukuthi lokhu kwenyuka kweVAT kungaba nomthelela wokwehla kwamandla emali kubathengi njengoba izimpahla ebebekwazi ukuzithenga ngemali ethile, sekuzophoqeleka ukuba bengeze enye imali ukuthenga lezo zimpahla ezifanayo.

Ukwenyuka kwezindleko zokuphila:
Okunye futhi okubalulwa ngabeMaxProf yikhona ukuthi iVAT izoba nomthelela ezindlekweni zokuphila. Njengoba izokwenyuka intengo yezimpahla namasevisi, lokho kusho ukwenyuka kwezindleko kubathengi njengoba isiningi imali abazoyikhipha ukuze bakwazi ukuqhubeka nokuphila izinga lempilo abakulo njengamanje.

Ukuncipha kwamandla okuthenga:
Uhlaziyo lweMaxProf luthi ukwenyuka kwentengo yezimpahla kuyalikhinyabeza iphakethe kubathengi, okwenza kunciphe amandla abebenawo okuthenga izimpahla nokukhokhela amasevisi.

Lokhu kwenza labo abangaqinile ephaketheni baphelelwe ngamandla okubhekana nezinye izindleko zezimpahla  namasevisi abawadingayo•

Image

Lokhu kwenza labo abangaqinile ephaketheni baphelelwe ngamandla okubhekana nezinye izindleko zezimpahla  namasevisi abawadingayo.