Izindaba | 12

Friday, 14 March 2025


Gwema ukudla noma yini 
ukuvika isifo sikashukela


"Phambilini ushukela ubuhlasela abantu asebekhulile ngokweminyaka"

EZEMPILO:

NoDkt Sanelisiwe Myeni


Phumlani Gama

SIYINGOZI futhi silahlekisa ngokuzethemba ebantwini abaningi isifo sikashukela. Lesi sifo kuyaphileka naso, kodwa sinomthelela ongemuhle kulabo abasuke sebehlabekile. Ezikhathini ezedlule bekwaziwa ukuthi isifo sikashukela sihlasela abantu asebekhulile kuphela, kanti cha akusenjalo.

Image

MUVA nje isifo sikashukela sesihlasela ngisho abantwana, okumele iqashelwe indlela abadla ngayo.

Lesi yisifo esichazwa ngokuthi sihlasela kakhulu umuntu onoshukela emzimbeni ngokwezinga eliphezulu. Sihlasela ngisho nezingane ezincane. Lesi sifo sidinga ukunakekelwa ngoba kwesinye isikhathi uma sike sangena ekhaya, akube kusaba lula ukuphuma kwaso. Siyisifo esithathelanayo. Ngokusho kwabeluleki bezempilo, bathi lowo osuke esehlabekile kudingeka ukuthi esekwe emndenini.

IZIMPAWU ZASO: 

* Wumzimba ovevezelayo nokulamba njalo.  * Wukuvevezela komzimba uma kwenzekile weqiwa yisikhathi sokudla, uzizwe sengathi ungenwe yisifo esithile.
* Wukuba nomzimba okhathalayo nsuku zonke.
* Wukudinwa kalula. 
* Wukwehla kwesisindo somzimba. 

* Yizilonda ezithatha isikhathi eside ukuba ziphole emzimbeni. 
* Yizinsini ezibomvu, ezivuvukele nezishibilikayo. 
* Wukungaluthandi ucansi. 
* Yikhanda elikuphatha njalo. 
* Yizinkinga zokuzwa ezindlebeni nokuho-nqa uma ulele okanye uhleli.

Image

KUBALULEKILE ukudla ngendlela ehlelekile nokuzivocavoca ukuzigcina usesimeni esihle ebantwini, ngisho nabangakahlaselwa wushukela.

Ezinye zezinkinga ezibalulwayo, yinkinga yokukhathala kwamalungu omzimba ungakuthandi nokudla. Ebantwini besilisa induku kayivuki nhlobo, kangangoba angaze asole abathakathi. Kanjalo nakwabesifazane uyaphela umdlandla wokulangazelela ucansi. Nokukhohlwa kalula yonke into okade uyixoxa kungenye yezimpawu zikashukela. Ukuvaleka amehlo ungaboni kahle. Ukuba ntekenteke uhlaselwe wubuthongo ngisho ushayela imoto okanye usemsebenzini.


UNGAKWAZI UKUSIGWEMA LESI SIFO:

UDkt Sanelisiwe Myeni osebenzela eJozini, eMkhanyakude, uthi ziningi izindlela ezingasetshenziswa ngabantu ukuze bakwazi ukuzivikela ekubeni nesifo sikashukela.
Uthi ungasigwema ngokuhlala ngokuzivocavoca futhi uhlale ngokuvakashela abeluleki bezempi-lo nokudla ukudla okunomsoco.


Image

UNGAKUGWEMA ukuba nesifo sikashukela ngokuqaphela indlela odla ngayo.


"Kubalulekile ukuthi umuntu adle ukudla okunempilo. Ungacela odokotela ukuba bakuxhumanise nabeluleki bokudla. Uma sesikuhlasele lesi sifo, kubalulekile ukulazi uhlobo lukashukela olukuphethe nezimpawu, kanjalo nezimpawu zaso.

Ukujima okungenani imizuzu engamashumi amathathu kungakusiza ukwehlisa amathuba okuhlaselwa yilesi sifo. Gwema utshwala. Gwema ukubhema kakhulu ngoba lokho kungakhuphula nemithambo yegazi okungakubeka engcupheni yesifo senhliziyo.