Izindaba | 06

Friday, 14 March 2025

Image

NGUTYRA Sindane odume ngelikaGogo Manzini, osebenzise u-R390 000 ukushintsha indlela abukeka ngayo.


Isangoma sisebenzise u-R390k sishintsha indlela esibukeka ngayo


"Uma unobizo kawuphoqelekile ukuhlale ugqoke amabhayi. Uma uyisangoma zithande nje uhlale unuka kamnandi"


Thandi Zondi

KASIZISOLI ngesinqumo sokuzishintsha indlela esibukeka ngayo isangoma esingunontandakubukwa. UTyra Sindane odume ngelikaGogo Manzini, uye eTurkey ukuyozilungisa izitho ezahlukene zomzimba.

Phakathi kwezitho zomzimba azishintshile,  yikhala, amehlo adonswa ukuze afane nawabomdabu waseChina, yisikhumba somzimba esidonsiwe ukubukeka sisisha,  kwakhishwa namafutha esiswini afakwa ezinqeni. Uthi wesekwa ngumyeni wakhe kuzona zonke izinto azenzayo.

Image

UNGAFUNGA ukuthi uGogo Manzini wayevele engumuntu wesifazane ngendlela abukeka ngayo emuva kokuzilungisa izitho zomzimba.

Maqondana nesinqumo sakhe, uzithethelela ngokuthi idlozi elingene kumuntu kalinendaba nesakhiwo somzimba womuntu  nengaphandle lakhe, kodwa lifuna okungaphakathi. UGogo Manzini uthe akabanaki abantu abakhuluma ngesinqumo sakhe ngoba iningi labo, liyakhuluma kuphela ekubeni kungekho lutho elingamsiza ngakho.

"Akufanele unake abantu ukuthi bathini. Ungayingeni indaba yabantu abakhuluma kuphela, ekubeni bengeke bakufakele mali ebhange. Mina ngithanda imali. Abantu bayohlala bekhuluma. Kakukwazi ukuthi umuntu ongakwazi futhi ongazazi izimo odlule kuzona, bese eqhamuka esekwa-hlulela ngempilo yakho," esho.

Elandisa ngobizo lwakhe, uthe lwamfikela esafunda isikole, kodwa wanganaka, okuthe ngokuhamba kwesikhathi wagcina esekwamukele ukuthi kufanele awuthathe umsebenzi wabadala.

Image

"Idlozi lidinga ingaphakathi lomuntu, hhayi ingaphandle. Lisebenza ngomoya. Ngangizitshela ukuthi akusiyona into yami lena. Ngenxa yokugula ngiphuma ngingena kodokotela nasezibhedlela, ngagcina ngigobe inkani, ngalwemukela ubizo. Izikhathi ziyashintsha, le nto iya ngokuthi uthandani.

"Uma unobizo, kayikho into ekuphoqa ukuthi sekumele uhlale ugqoke amabhayi. Swenka nje unuke kamnandi. Kubalulekile nokuthi uma uyisangoma, uzithande. Akekho owathi lona wumsebenzi wamanuku," kuphetha uGogo Manzini.