Izindaba | 03

Friday, 14 March 2025


Image

NGUZIMIPHI "Zimdollar"Biyela ongumsakazi woKhozi FM, ongaconsi kubalandeli.

Zivune abasakazi izinkinga zoKhozi FM


Kuvele ukuthi mabangashintshwa abasakazi abaqavile ezinhlelweni abazishayelayo.

Mthobisi Sithole

KUSOLWA umyalelo ovela komkhulu lenhla-ngano yezokusakaza ngomoya, iSouth African Broadcasting Corporation (SABC), ngokunga-shintshwa kwabasakazi ezinhlelweni eziqavile oKhozini FM.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, sekuqediwe ngezingxoxo zokubuyekezwa kwezinkontileka. Okwamanje kusesigabeni sesibili sokuthi abasakazi bethule okusha abazokwenza ezinhlelweni zabo ukuze kushaye umhla ka-1 Ephreli, kuqale unyaka omusha wezinhlelo kulo msakazo.


Ngokomthombo waleli phephandaba, uthi akekho umsakazi osakhulume eyokuthi ushintshiwe. Uthi ngokwezinsolo zabo, lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi nasezikhundleni eziphezulu zalo msakazo, kabekho abaphathi abaqashwe ngokugcwele, bonke babanjisiwe.


"Abaphathi kabanazo izizathu ezinqala zokunyakazisa abantu ezinhlelweni zabo ngoba nabo babambile. Kungenzeka ukuthi umyalelo bawuthole eGoli ekomkhulu lale nhlangano ukuthi zingenziwa izinguquko," kusho umthombo.

Image

NGUDUDU "Lady D" Khoza ongumsakazi woKhozi FM, ongaconsi kubalandeli, njengoba ethula uhlelo oluthinta ikakhulukazi imbokodo.

Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, izinhlelo ezinkulu okubalwa kuzona uSgiyangengoma, kalukho ushintsho kubasakazi, kusazoqhubeka uKhathide "Tshatha" Ngobe noBingelela Mpanza, kanti kuJabule Ujule, kusenguyena uDudu "Lady D " Khoza. Uhlelo iDanki 12 to 3 kusaqhubeka uZimiphi "Zimdollar" Biyela noKing Sfiso, nabanye.

"Kuvalwe izikhala zabasakazi ebezivulekile ngoba uMandla "Njinji" Magwaza wesula emsebenzini, uSiya Mhlongo usenezinkinga okwamanje. Abaphathi bayazi ukuthi ukushi-ntshwa kwabasakazi kudinga isibindi, kwazise abanye baze bakhale," kusho umthombo.


Uthi okwamanje esikhundleni sikamphathi wesiteshi kubambe uMnu Busani Mthembu, kwesikamphathi wezinhlelo kubambe uMnu Mandla Mdletshe.

Kuzokhumbululeka ukuthi obephethe uKhozi FM, uNkz Sbongi Ngcobo washiya nyakenye ngoDisemba, kanti nomphathi wezinhlelo obekhona, uNkz Pearl Maseko, wesula.

Image

NGUKHATHIDE "Tshatha" Ngobe ongumsakazi woKhozi FM, ongaconsi kubalandeli njengoba ethula uSigiya ngengoma okuwuhlelo lukamaskandi.

Omunye umthombo wangaphakathi, uthi njengoba kwehlukene izinhlangothi ezisebenzini ngaphakathi, nabo abaphathi kabafuni ukuzinyundela njengoba bengakaqashwa ngokugcwele.

"Ubutha emsakazweni budalwa yinzondo yezinhlelo. Ngakho-ke kubavunile abaningi ukunganyakaziswa ezinhlelweni, nakuba bekhona abebefisa ushintsho ngoba nabo kabathokozile ezinhlelweni abakuzona," kusho umthombo.

mthobisis@ilanganews.co.za