Imibono | 15

Friday, 11 April 2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Umndeni uveza okungaziwa ngeTLB yePirates. 
Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

01


Nkosikhona Phakel'umthakathi Ndabandaba:
ASEZOQALA-KE amanga azobulala ikusasa lengane.

02


Zie Dlamini:

UYAZI asifune ndaba zemindeni bakithi, sijabule ngengane ne-performance yayo qha. Yeyi! Ngoba umndeni nobunyoka sies.


03


Thabiso Xulu:

MANIYEKE ingane idlale ibhola ikhululeke. Yeyi ake nibhale nge-ANC awww ay bandla.

04


Sipho Gadaffi Nkanyezi Nkosi:

UGOGO ukhuluma kahle ngeTLB, uthi "washo esakhula ukuthi uzoduma futhi agibele ibhanoyi".

05


Phila Mantengu:

KUFANELE kwaziwe yini ngempilo yakhe yangasese? Thina sihlanga-niswe yibhola naye, okunye kasifuni ukukwazi.

06


Sinentokozo Bucs Glam Ngobese:

NOMPONTSHANE wahletshwa yisihlobo emaphepheni ukuthi ufetshelwa ngumfazi nenyanga. Akaphindanga walunga, imindeni mayoke ithule nje.

07


Nhlanhla Zikalala:

ANGIKHUMBULI ukuthi iBucs ike yangenelwa yigoli selokhu kuqale lo mfana. Sebevukwe wumona-ke engabe beseka ingane.

08


Mzukulu-ka Bhavu Biyela:

MANJE lowo mndeni ukuveza kubani obecelile. Hhayi bo okwenu lokho asikudingi thina, kukhulumeni nodwa.

09


Sihle Nduna:

MABAKE bayeke lo mfana adlale ibhola. Bazoze baphazamise ikusasa lakhe. Ai maan, nani bantu bezindaba niyadina, kodwa lo mfana usemncane usafuna ukuvikelwa, ikusasa lakhe 
liqhakazile.

10


Robert Nyawo:

NOMA bengaveza okunye, ngeke kusisize ngalutho, thina sijabule futhi simfisela inqubekela phambili nokudlala ibhola.

11


Vukani Dlamini:

THINA sazi ugogo naleya ntombazanyana. Omunye osezoqhamuka emuva kwalokho gede.

12


Nomthandazo Whitney:

MABAYIXOXE bodwa phela njengomndeni. Manje thina singenaphi?

13


Happiness Nondumiso:

WEEEE ingane yabantu! Bonke abathakathi sebethe njo kuyona. Sezizoqala izikhova, i-TLB ayihlangene nendaba, iyodlala ibhola. Mabame kancane abezindaba.

14


Nathy Gubhela:

VELE thina sazi ingane, hhayi wona.  Awusimele nje kancane. Hhayi bo, neLANGA lisekhona kanti nalo namanga ka-1950? 😔

15


Ziyanda Sfiso KaMzema:

USUNGENAPHI manje umndeni? Ukuvezelani lokho okungaziwa ngoba asikudingi, sidinga ithalente lengane?

16


Siyabonga Cebekhulu:

SENIQALILE-KE bantu bamaphephanda nezinkinga ezizobulala ikusasa lomfana. 😭

17


Peekay IGrootman Brown:

SAWUBONA wekukhuluma!

18


Zandile F Nene:

PHO nihlushwe yini nina? 🤔