Izindaba | 13
Friday, 11 April 2025
EZOMNOTHO
Abalimi bezithelo balahlekelwe u-40% ngenxa yokubambezeleka kokuhanjiswa kwemikhiqizo emuva kwesimelezelo sikaTrump
Menzi Jele
UKUSIMAMISA umnotho esikhathini samanje, kusezandleni zosopolitiki eNingizimu Afrika. Lona ngumbono womhlaziyi wezomnotho, uMnu uSifiso Khumalo, njengoba kukhalwa ngomthelela ubudlelwano obudungekile phakathi kweNingizimu Afrika neMelika, obubenakho emnothweni wezwe.
UMengameli waseMelika, uMnu uDonald Trump, usanda kumemezela ukuthi kuzokwenyuswa intela ezimpahleni ezikhishwayo kuleli ziya eMelika, nezingena kuleli zivela khona (tarrifs). Lokhu kukhinyabeza indlela lamazwe amabili abehwebelana ngayo.
IMelika, iyizwe lesibili emhlabeni esihwebelana kakhulu nalo. Elokuqala yiChina, bese kuthi iGermany ibe ngeyesithathu.
"Imikhakha ezoqhubeka ishayeke kakhulu, uma singabikhona isixazululo ngowokuhweba ngezolimo, ikakhulukazi izithelo, ngoba yizona esizithumela kakhulu eMelika. Izinto ezimbiwa kuleli lizwe, iningi lazo zithunyelwa emazweni anjengabo oMelika, zibuye seziyimikhiqizo ehluziwe yaphelela. Lokhu kungalikhinyabeza izwe nomnotho, ngoba uma le mikhiqizo ebuyiswa lapha isiphelele, intela izobe isiyenyusiwe.
"Imikhakha ezokhinyabezeka kakhulu, ngowokukhiqiza, owezokumbiwa, owezimali, nowezohwebo. Zikhona izinto ezikhiqizwa kuleli lizwe, zithengiswe eMelika, ikakhulukazi ezisemkhakheni wezendwangu.
"Bese kuba khona esizithenga eMelika, seziwumkhiqizo ophelele. Into enjena, ngeke ixazululwe ngabasemkhakheni wezomnotho nezimboni, kudingeka isixazululo esizoqhamuka nosopolitiki, ngoba umsuka walezi zinkinga, ubudlelwano bezepolitiki osebuchaphakele emnothweni," kuhlaziya uKhumalo.
Omunye umkhakha ozoshayeka, ngokhiqiza izimoto nensimbi, njengoba kunezikhondla-khondla zezimboni ezikhiqiza izinsimbi zezimoto, e-East London,
e-Eastern Cape, bese zihlanganiswa emazweni angaphandle.
UMnu Loftus Marais, weCitrus Growers Association of South Africa, uthi sekuyezwela emkhakheni wabo njengabakhiqizi bezithelo.
"Kulezi zinsuku eziwu-90, kube nokubambezeleka ekuhambiseni izitshalo eMelika. Lokhu kwenze imboni yalahlekelwa wu-40% wenzuzo ebitholwa ngokuhweba ngemikhiqizo yezithelo, okujwayelekile," kusho uMarais.
Imikhiqizo yezoLimo, esuka eNingizimu Afrika iye eMelika, ibalelwa ku-4%, okubalwa
nama-grapes atshalwa eWestern Cape. Nezithelo ezitshalwa, zivunwe eLimpopo.
INingizimu Afrika, uma kuziwa ekukhiqizeni igolide, ilele isibili ezwenikazi i-Afrika, kanti iyizwe lesithathu emhlabeni elihweba ngamalahle kumazwe angaphandle.
UNgqongqoshe wezindaba ezithinta ubudlelwano namazwe angaphandle, uMnu uRonald Lamola, uthe iminyango isavuliwe, zisazoba khona izingxoxo neziphathimandla zaseWhite House, eMelika, ukuhlenga ubudlelwano bala mazwe womabili, njengoba uhulumeni wakuleli, usola abazalelwa kuleli bafudukele eMelika, njangamazambane abolile, akhuluma kabi ngezwe lakuleli kwemanye amazwe angaphandle.
menzi.jele@ilanganews.co.za