Izindaba | 09
Friday, 11April 2025
Thandoluhle Ngubo
SILOKHU siqhubekile nokuphoxa izitshudeni nabanikazi bezindawo ezihlala kuzo isikhwama esibhekelele abafundi abaswele, iNational Student Financial Aid Scheme, (Nsfas) njengoba ulokhu uqhubeka umdonsiswano phakathi kwaso nokukhokhelwa kwabanikazi bezindawo okuthiwa iningi labo lagcina ukukhokhelwa ngonyaka owedlule.
Kusuka ngeSonto eledlule kusuke imibhikisho emakolishi aqeqesha ngamakhono ezifundazweni ezehlukene zakuleli, kulandela ukuba inhlangano yabanikazi bezindawo ezihlala izitshudeni iStudent Accommodation Providers South Africa (SAPSA), imemezele ukuthi abanikazi bezindawo zokuhlala abangaphansi kwayo sebeqoke ukukhipha izitshudeni ezindaweni zabo ngoba ukuzigcina kubadalela izindleko ezingenasidingo.
Ukukhishwa kwezitshudeni kuqalile ukubonakala KwaZulu-Natal, eMpumalanga naseFree State, okuyilapho okusuke khona imibhikisho.
Ngokomkhulumeli weSAPSA, uMnu Phinda Fikeni uthi zintathu izinkinga ababhekene nazo neNSFAS. Uthi iningi
labanikazi bezindawo zokuhlala abakhokhelwe kusuka ngonyaka owedlule.
Eyesibili, ngeyokungakhokhelwa imali ephelele kwalabo asebekhokhelwe, nokungabikho kosuku oluqondile lokukhokhelwa kwabo nokungabikho ukuxhumana phakathi kwabo neNSFAS.
"Ngikholwa wukuthi iNSFAS kumele ikhulume nathi, kodwa kunalokho ikhipha izitatimende ezinezizathu ezingabambeki. Isibonelo nje, bahlale bethi basaqinisekisa ukuthi izitshudeni ezisohlwini zikufanele yini ukuthola uNSFAS, okuyinto esixakayo ngoba lokho kuyaqinisekiswa uma zibhalisela uxhaso," kusho uFikeni.
Uthi nakuba bebengakukhuthazi ukukhishwa kwezitshudeni ezindaweni zokuhlala, kodwa sekufike lapho abanikazi bezindawo bekhathala khona.
"Kunabanikazi bezindawo asebekweleta imali ebheke ko-R500 000, lokho kukodwa kunomthelela ongemuhle nasempilweni yabo njengoba abanye bengasakwazi nokuthatha izikweletu emabhange.
"Kulesi sikhathi kunzima nakithi ukuthi singathi amalungu eSAPSA mawaqhubeke agcine izitshudeni ngoba iNSFAS iyaqhubeka nokungathembeki. Yayithe izokhokha ekupheleni kwenyanga eyedlule, yajika yathi izokhokha ngomhla ka-4 wakuyo le nyanga, muva nje, ithi izokhokha ngesonto elizayo.
"Esikufunayo ukuthi akushaye uLwesihlanu mhla ka-11 sowusikhokhele," kuphetha uFikeni.
Okhulumela iNSFAS uMnu Ishmael Mnisi, ukhomba ngenjumbane abanikazi bezindawo zokuhlala ngokungalethi amaphepha afanele kubo ngesikhathi.
"Yikho sithi abathumele amaphepha anemininingwane yabafundi ukuze siwacwaninge, sikwazi ukubakhokhela ngesikhathi. Iningi lalabo abangasiniki le mininingwane, ilaba abangenaso isivumelwano nathi, abavele bathathe izitshudeni bazigcine bengakhulumanga nathi.
"Sizocela bangazixoshi izitshudeni, uma benazo izivumelwano nathi sizokhokha uma sesicwaninge imininingwane abayithumele kithi," kusho uMnisi.