Izindaba | 08
Friday, 11 April 2025
Sekuyisikhathi esifanele sokuba elakuleli libungaze okwalo
IHollywoodbets Durban July izokuba ngoMgqibelo, mhla ka-5 kuNtulikazi (July), eHollywoodbets Greyville Racecourse, eThekwini
Thandi Zondi
SESISEMOME isikhathi seHollywoodbets Durban July, esinogazi kwabezemfashini, amaphanta nabathandi bobumnandi. Kulo nyaka kulandelwa i-theme ethi Marvels of Mzansi kwabasika ingqephu.
Umsiki wengqephu uMamsie Mkhwanazi, we-Afrolicious Designs, uthi le theme iqonde ukuthi abantu kumele babheke ukuthi yini eyenza iNingizimu Afrika yehluke, nokuthi abantu bayithande. Uthi sekuyisikhathi esifanele sokuba elakuleli libungaze okwalo.
"Ekugcineni sesizokwazi ukubungaza izinto zethu kule-Durban July, ngoba sihlezi sibheka okwaphesheya. Mayithi Marvels of Mzansi, iyona yonkinto eyenza sizigqaje singabantu abamnyama, nazo zonke ezinye izizwe ezikhona kuleli. Sibungaza ukuba nezimbiwa phansi igolide, amadayimane, konke okwenza i-Afrika icebe," kuchaza uMamsie.
"Okusho ukuthi kuzoba yizingubo ezi-gold, ezibambanayo, zihlotshiswe ngokusagolide, okusadayimane nokunye okuwumcebo ombiwa phansi. Kubalwa zonke izinto ezigqokwa yizizwe ezise-Afrika, okungaba yimiswenko yamaNdiya, amaNdebele, amaZulu, amaXhosa, yonke nje into eyimiswenko kwazise sibizwa nge-rainbow nation," esho.
Uthi le theme ichaza ukuthi kumele uveze izimangaliso ezinhle zaseMzansi, nokwenza uthande leli lizwe.
"Silindele izicholo, ubuhlalu, izikhumba zezilwane nezidwaba, osari nezishweshwe. Kanti uma ufaka okwaselokishini, kungaba yizinto ezigqokwa kakhulu elokishini, mhlawumbe ugqoke umswenko wakho namateku.
"Umuntu ozisukela ekhaya, ongesiye umsiki wengqephu futhi ongenaye umuntu omgqo-kisayo, kumele acabange ukuthi uthanda ukuhloba ngomswenko wasiphi isizwe. Uma kuyisiXhosa, sona vele siwumswenko omuhle uma sigqokwe kahle, okumele ukwenze wukuthi usenze sibe yimfashini.
"Lokho akusho ukuthi kumele ugxile ekuhlo-beni ngento yesizwe esisodwa, ungahlanganisa. Ungagqoka okwamaXhosa bese uzigqokela lezi zigqoko ezinkulu zakwiDurban July, kodwa senziwe ngombhaco. Cabanga into yasema-khaya, uyihlanganise nelokishi nesimanjemanje sasedolobheni."
"Le- theme isho ukuthi ungakwazi nokuthi usebenzisane nomdwebi uma uyi-designer, akudwebele kwindwangu izithombe okungaba yizilwane esinazo, yilanga nokunye okuchaza nge-Afrika," echaza.
"Eyokuchaza ukuthi singobani thina e-Afrika. Besihlezi sibungaza izinto zaphesheya esingazazi, esingakaze sifike ngisho kuzona, esizibona kumabonakude kuphela.
"Le Durban July iyingqophamlando; sizoxoxa ngobuthina, yona yonke into eyenza sizigqaje singabamnyama," kuphetha uMamsie obegqokisa abohlelo lwabesifazane abashadile, iThe Real Housewives of Durban, ngonyaka owedlule.
IHollywoodbets Durban July izokuba ngoMgqibelo, mhla ka-5 kuNtulikazi (July), eHollywoodbets Greyville Racecourse, eThekwini.