Izindaba | 05
Friday, 11 April 2025
Sichithiwe isicelo sakhe, sokuthi uzosebenzisana namaphoyisa uma ededelwa
Skhosiphi Mthembu
AKUMSIZANGA ukuzincengela ngokuthi uma ededelwa uzosebenzisana namaphoyisa ukuqwa-shisa ngodlame olubhekiswe kwabesifazane, owesilisa ogwetshwe udilikajele neminyaka ewu-10 ngaphezulu.
UMandla Msweli ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda yaseMtubatuba ngecala lokuzama ukubulala uNkz Lihle Ntokozo Ncube, ongunina wengane yakhe, wengezelwa iminyaka ewu-10 ngaphezulu kweloku-tholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Lesi sigameko senzeka ngomhla ka-15 kuNhlangu-lana (June) wonyaka odlule, emuva kokuba isisulu simalile. Ubudlelwano baso noMsweli babungase-kho buhle njengoba wayevame ukusishaya.
Kuthiwa kunezigameko lapho ayeke amvalele khona endlini uNkz Ncube, amsabise ngokuthi uzombulala nomndeni wakhe. Kwesinye isigameko, kuthiwa wake wamlolela ummese, wamsabisa ngokumenzakalisa phambi kwengane yabo.
Kubikwa ukuthi uMsweli indlela ayehlukumeza ngayo uNkz Ncube, wayengamvumeli nokuthi avakashele abangani bakhe, okuyikho okwaholela ekutheni isisulu sifune bahlukane. Ngosuku lwesigameko, kuthiwa uMsweli washayela isisulu ucingo, wasitshela ukuba bahlangane ngoba ufuna ukusinikeza imali yesondlo sengane yabo.
Kuthiwa wasiyalela ukuba size nodadewabo. Isisulu sabe sesithatha udadewabo sahamba naye, okuthe uma befika esitobhini sebhasi, bafica umngani kaMsweli. Kuthe besamile bekhuluma naye, uMsweli wavumbuka maqede wadubula isisulu amahlandla amaningi, kodwa sashayeka kanye sabaleka.
UMsweli utshele iMantshi uNkz Esther Mbuyazi, ukuthi uyazisola ngakwenza, futhi uma inkantolo ingamdedela, uzosebenzisana namaphoyisa ukuqwashisa umphakathi ngokuthi umuntu wesifazane uphathwa kanjani. Ubemile kwelokuthi okuningi akasakukhumbuli ngoba wayeqisile ezinkanjeni zikaFaro ngosuku lwesigameko.
Ekhipha isigwebo uNkz Mbuyazi, uthe kuyaxaka ukuthi uMsweli uthi akasakhumbuli okwenzeka ngoba wayedakiwe. Uthi lokhu kuyadida ngoba ngesikhathi kuqhubeka icala, wavuma ukuthi wasidubula isisulu waze wathumela umqhafazo kunina waso isisulu, exolisa ngento ayenzile.
Uthe okunye okudidayo wukuthi uMsweli uveze ukuthi isibhamu wasithatha esihlotsheni sakhe esasiphuze kakhulu. Uthi lokhu wakwenza ngoba yena wayengaphuzile kakhulu. Imantshi iphinde yaveza ukuthi kumele uMsweli akuqonde ukuthi ukuthandana nomuntu, akusho ukuthi kumele umlawule noma ulawule indlela aphila ngayo.
Ithe ngokubona kwayo, uMsweli wahlela konke lokhu ngoba engafuni ukwamukela ukwaliwa, wabe esefu-na isibhamu, washayela ucingo unina wengane yakhe, wazenza umuntu ongenankinga ngokuhlu-kana kwabo, wabe esemdubula sebehlangene.
Ibe isimgweba udilikajele kwelokuzama ukubulala, yengeza ngemiminyaka ewu-10 kwelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.