Izindaba | 04

Friday, 11 April 2025

UGatsheni nelinye igxathu
kwezamabhizinisi 

Usethuthuka  kwezemboni yokuthutha

Image

NGUMCULI kamaskandi uKhuzani "Gatsheni " Ndlovu, mhla enqoba kwiMother of All. Uthathwe nabahleli balo mcimbi.

Mthobisi Sithole

USENGENE wagxila embonini yezokuthutha umculi kamaskandi, uGatsheni owahlomula iToyota Quantum, kwiMother of All, nyakenye.

Usezuze amaQuantum amathathu emuva kokuba enqobe lesi sicoco nyakenye. Utshele
ILANGA Lempelasonto ukuthi isifiso sakhe wukuthi uphele unyaka esehlangene amakhumbi ayisihlanu.

Uthi nakuba engakaze azicabange esengumnikazi wamatekisi, kodwa ngenxa yokwesekwa ngabantu nyakenye emncintiswaneni, kumphoqile ukuba aqhubeke nemboni yezokuthutha.


"Ngithathe isinqumo sokuba ngigxile ebhizinisini lezokuthutha ukuze noma ngabe angiqashiwe emicimbini, ngingeke ngizonde abahleli bemicimbi ngoba izobe ikhona imali engena ngezinye izindlela," kusho uGatsheni.


Uthe 
iQuantum ayinqobe kwiMother of All, isebenza emzileni ngakubo oPongolo, eyesibili isebenza eMpumala-nga ithutha izisebenzi (staff), enye ithutha izitshudeni eTshwane University of Technology (TUT), ePitoli.


Image

Uthi ngokwezifiso zakhe, wukuthi amakhumbi akhe abe wu-10. Utshele leli phephandaba ukuthi nabanye abaculi uyabakhuthaza ukuba bangathembeli emculweni kuphela.

"Umculo uyashintshashintsha. Kubalulekile ukwenza izinto eziningi empilweni ukuze noma kungasahambi kahle emculweni, iqhubeke impilo, kungabi nezinkinga zokuthi kuzophileka kanjani," kusho uGatsheni.


Uthi uthanda ukuthi amakhumbi akhe asebenze ngaphansi kwezinkampani ezizimele.

"Izinkampani ezizimele nezikhungo, ngikuthanda ngoba imali yakhona ayiguquguquki, kanti embonini yamatekisi kwesinye isikhathi umsebenzi kawuhambi kahle," esho.

UGatsheni ubalwa nabaculi abahamba phambili endimeni yomculo wesintu. Usezuze okuningi ngalo mculo, okubalwa ukwakha umuzi wakubo, ukuthenga inqwaba yemfuyo okuyizinkomo, yizimbuzi nokunye, kanti usehlomule ngezindondo emincintiswaneni ehlukene, okubalwa kuyona nama-South African Traditional Music Achievements Awards (Satma).

mthobisis@ilanganews.co.za

Image