Izindaba | 02

Friday, 11 April 2025

Ezifingqiwe


01


UMasipala weTheku usukhiphe isexwayiso ngamabhishi ayingozi

Image

UMASIPALA weTheku usukhiphe isexwayiso ngamabhishi ayingozi, okungafanele kubhukudwe kuwona njengoba kuzoba namaholide ePhasika.
Kuthiwa amanzi akula mabhishi, awahlanzekile futhi ayingozi, ababhukuda kuwona bangazithola sebengenwa yizifo.

Amabhishi amathathu, , okuyiLaguna Beach, iWinkelspruit Beach, neDoonside Beach, uMasipala weTheku uthi yiwona okufanele agwenywe,  kungabhukudwa kuwona.


02


Bathi ukuba khona kwe-GNU kuletha ithemba lokuthi kunozinzo kwezomnotho

IZIKHONDLAKHONDLA zosomabhizinisi nosozimbo-ni, sebephumele obala, bathi bayafuna ukuthi iGovernment of National Unity (GNU), iqhubeke yize iDemocratic Alliance (DA), ikhala ngokukhushulwa kweVAT.

UMengameli weBusiness South Africa, uMnu Martin Kingston, uthi ukuba khona kweGNU, kuletha ithemba lokuthi kunozinzo kwezomnotho. Uthe abangene kupolitiki, kodwa okwenzeka kuhulumeni kunomthelela endleleni abaqhuba ngayo amabhizinisi. Uthe bayalweseka uhlelo lukaMengameli uCyril Ramaphosa, okuhloswe ngalo ukuphucula indlela uhulumeni weNGU osebenza ngayo, i-Operation Vulindlela.


03


Izisebenzi zomasipala zingaba nezikhundla emaqenjini ezepolitiki

Image

INKANTOLO yoMthethosisekelo (Constitutional Court), ngoLwesithathu, ikhiphe isinqumo, ivume-lana neNkantolo yezabaSebenzi (Labour Court), ukuthi izisebenzi eziqashwe ngomasipala, emazingeni aphansi, zingaba nezikhundla emaqenjini epolitiki.

Ithe izikhulu eziqashwe komasipala nezisebenzi ezisezikhundleni eziphezulu, ezithatha izinqumo, ngeke zikwazi ukuba nezikhundla emaqenjini nasezinhlanganweni zepolitiki. ISouth African Municipal Workers Union (SAMWU), yakhononda eNkantolo yezabaSebenzi ngo-2023, yathi kawukho umthetho ovimbela izisebenzi zomasipala ukuba zibe nezikhundla emaqenjini epolitiki.


                   04


Kuzophenywa onogada bakaMashatile

ONOGADA bePhini likaMengameli, uMnu Paul Mashatile, bangazithola sebesenkingeni futhi. IKhansela leDemocratic Alliance (DA), uNkz Annette Dippe, lithi lifuna baphenywe, ngoba ujenga lwezi-moto ezihamba abaqaphi bakaMashatile, lubona-kale luphazamisa izimoto emgwaqweni uN9, eMidrand, eGauteng.

Uthi lolu jenga lwezimoto, beluhamba emzileni okungafanele luhambe kuwo, luhamba ngesivinini. Kwenzeka lokhu nje, abanye onogada  bakaMashatile, bahamba icala enkantolo, lokushaya omunye umshayeli owayesemgwaqweni owuthelawayeka, eGoli.

Okhulumela uMashatile, uMnu Keith Khoza, uthe ngeke akwazi ukuphawula, achaze ukuthi iPhini likaMengameli belikhona yini kulolu jenga. Uthe lolu wudaba okufanele lusingathwe ngamaphoyisa .


                   05


Image

       Ungqongqoshe ukhathazwa
       wukwanda kwemijondolo

UNGQONGQOSHE wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnu uSiboniso Duma, uthi ukhathazekile ngokwanda kwemijondolo esifundazweni.

Ubekhuluma kwinkulumo-mpikiswano yomkhandlu kaZwelonke (National Council of Provinces), lapho ethe, u-75% wemijondolo esifundazweni, useThekwini. UDuma uthe sekwakhiwe imizi ewu- 579 069 esifundazweni kule minyaka ewu-6 eyadlule.

Ukhale ngokuthi kukhona izinhlelo zokwakha izindlu nemizi okuphazanyiswayo, kodwa bayaqhubeka nazo njengohlelo lwaseThembeni, eMelmoth, nolwaseMbulwane, eMnambithi. UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu kuZwelonke, uNkz Thembi Simelane, uthe ziwu-15, izinhlelo zokwakha izindlu nemizi abasazoqhubeka eKZN, ngoba zaqalwa kazikaze ziphele.