Ezemidlalo | 19
Friday, 25 April 2025
UMQEQESHI wamaZulu FC enomdlali wakhe, uTshepang Moremi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
UTHWESE abadlali bakhe ijoka u-Arthur "10111" Zwane ongumqeqeshi wamaZulu FC azovovana inkani nomkhaya bawo, iLamontville Golden Arrows koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
UZwane utshele abezindaba ukuthi indlela ebheke ekutheni uSuthu luqede lukwi-top 8 ilele ekutheni abadlali bakhiphe wonke amangwevu, babuye namaphuzu agcwele kwi-Arrows.
BEKUYIMPI yejubane phakathi kukaRiaan Hanamub woSuthu no-Angelo van Rooi waBafana Bes'thende ngesikhathi la makilabhu ebhekene emlenzeni wokuqala koweligi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
"Kuvunguza umoya wobunye ekhempini, bonke abadlali bazimisele ngokulwela isithunzi sekilabhu. Kakufanele nakancane sivumele ukuthi i-Arrows isishaye kulo mdlalo.
"Wonke amathemba ami ngiwabeke kubona abadlali, yize siya kulo mdlalo kunabadlali abangeke babe yingxenye yawo ngenxa yezizathu ezahlukene.
"Nokho okuhle wukuthi bonke abadlali esinabo bakulindele ukusiza ikilabhu," kusho uZwane.