Ezemidlalo | 20

Friday, 14 March 2025

Image

Ukhuza ibuya uTau kwiBafana

Lesi sikwati sizogijima imidlalo emibili emqoka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026

MFANAFUTHI NDLOVU

UKHUZA ibuya uPercy Tau esikwatini seBafana Bafana esizogijima imidlalo emibili ebucayi yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezokuba ngo-2026.

IBafana iqhathwe neLesotho emdlalweni ozokuba ngoLwesihlanu oluzayo lomhla ka-21 kuNdasa (March) ngo-18h00 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Emuva kwalo mdlalo, izobhekisa amabombo      e-Ivory Coast ukuyokhiphana inkani neBenin ngoLwesibili lomhla ka-25 kuNdasa.

Image

Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, utshele abezindaba ukuthi ubenethemba lokuthi uzokwazi ukuqoka uKhulumane Ndamane oyisitobha seTS Galaxy esivutha singabaselwe kwiBetway Premiership.

Nokho uthi umshiyiswe wukuthi akanawo amaphepha amvumela ukuphuma eNingizimu Afrika.

Lo mdlali usala ngaphandle nje, umnikazi weTS Galaxy, uTim Sukazi, waphumela obala ekhalela ukufakwa kwakhe kwiBafana ezeseka ngokuthi usezingeni eliphezulu.

Kubhekwe ukuba iBafana ikulwele ukungena kulo mqhudelwano kwazise selokhu yagcina ngo-2010 ukuba yingxenye yeNdebe yoMhlaba yeFifa ngesikhathi le midlalo igijinyelwa kuleli.

Kuleyo midlalo elakuleli laqopha umlando omubi ngokuba yizwe lokuqala emlandweni ukuphuma ekuseni kulo mqhudelwano ekubeni lingoso-khaya.

UBroos uthembise isizwe ukuthi nakanjani uzoyifaka iBafana kulo mqhudelwano.

Nokho uthe usezothi khumu ebholeni lomhlaba emuva kwe-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoqala ngoZibandlela (December) wanonyaka isongwe ngoMasingana (January) wonyaka ozayo eMorocco.

IBafana kudala yazibekisela indawo kwi-Afcon njengoba namazwe azodlala khona eseqhathiwe. Iboshelwe eqoqweni elilodwa ne-Egypt, i-Angola neZimbabwe kwi-Afcon.

Sesisonke isikwati esiqokiwe seBafana ukudlala eyokuhlunga yeNdebe yoMhlaba simi kanje: Onozinti: URonwen Williams, uRicardo Goss noSipho Chaine.
Izitobha: USydney Mobbie, uGrant Kekana, uThabo Moloisane, uNkosinathi Sibisi, u-Aubrey Modiba, uKhuliso Mudau, uFawaaz Basadien noSiyabonga Ngezana.
Abasesiswini: UTeboho Mokoena, uBathusi Aubaas, uJayden Adams noThalente Mbatha.
Abagadli: U-Oswin Appollis, uPatrick Maswanganyi, uThapelo Morena, u-Elias Mokwana, uRelebohile Mofokeng, u-Iqraam Rayners, uLyle Foster noPercy Tau.

0